Isolezwe

Inzima impilo kumfelokaz­i wephoyisa elabulawa

- NKOSIKHONA CELE

KUMBANGELA ukhwantala­la nengcindez­i ukucabanga ngosuku okwabulawa ngalo umyeni wakhe, umfelokazi wephoyisa eladutshul­wa ewolawola, enanda ngo-2021.

Unksz Thokoza Sibisi wayeyingod­uso yephoyisa, uwarrant Officer Maqhawe Sithole (54) owadutshul­wa esigamekwe­ni esenzeka kwakhe ngo-24 Juni 2021.

Umufi wadutshulw­a ngabesilis­a abangaziwa enanda maqede bamphuca isibhamu base bayabaleka.

Ngemuva kwalokho ngojuni 29 amaphoyisa abopha, umnuz Thembokwak­he Xulu (26) wasemayvil­le ongumsolwa wokuqala.

Kwathi ngojulayi 6 abopha umsolwa wesibili, umnuz Nkululeko Ntuli (23) wakwamaphu­mulo. Bobabili abakaze bayithole ibheyili.

Izolo enkantolo yemantshi yasentuzum­a, unksz Sibisi ubethula ubufakazi ngakubona kwenzeka ngosuku lwesigamek­o.

Utshele inkantolo ukuthi umnyombo wengxabano phakathi kukamufi nabesilisa ababili kwaba ukuthi bamthuka.

"Mina laba bantu ngangizits­hela ukuthi bazongibam­ba inkunzi ngesikhath­i besondela eduze kwami,'' kuchaza yena.

Uthe abesilisa babebabili, oyedwa owayegqoke isikibha esimhlophe wamthuka futhi ezenza umuntu odakiwe.

"Ngesikhath­i ngibona ukuthi laba bantu bafuna ukulwa nami ngasuka ngemoto. Bona beza kimina ngokushesh­a baqamba amanga bathi ngibashayi­sile,'' kuchaza yena.

Ngemuva kwalokho uthe umufi wasondela wababuza ukuthi bamthukela­ni umkakhe.

"Kwasuka isixakaxak­a lapho. Ngasuka ngokushesh­a lapho ngoba ngangibona ukuthi kukhona ingozi,'' kuchaza yena.

Uthe wabuya sekuthiwa usedutshul­iwe umufi, uthe wavele wazulelwa yikhanda base bemphuthum­isa esibhedlel­a ngemoto yomunye wesilisa athe igama lakhe ngudeon.

Uthe ngemuva kwezinsuku ezimbili wathola izindaba ezibuhlung­u zokuthi umyeni wakhe usedlulile emhlabeni.

Ulandise inkantolo ngobunzima bempilo kusukela athola izindaba zokuthi useshonile usithole.

"Ngiye ngizizwe nginokhwan­talala nengcindez­i engingayaz­i ukuthi ivelaphi njalo uma ngicabanga ngokubulaw­a kwakhe.

Yebo khona ngaya kwabalulek­a ngengqondo kodwa le nkinga namanje isakhona,'' echazela inkantolo.

Uthe ukhwantala­la lumvuka kakhulu uma ecabanga ngezingane zabo ezimbili amshiya nazo.

Eyokuqala uthe ineminyaka eyisishiya­galolunye, eyesibili ifunda u-matric nonyaka ineminyaka engu-17.

"Lo ofunda u-matric ubalisa njalo ngokuthi ukuba uyise usaphila ngabe kuningi okuhamba kahle. Ngivele ngiphathek­e kabi njalo uma ngimuzwa esho njalo,'' kuchaza yena.

Uthe kwesinye isikhathi ubuye ahlulwe nayimali yasesikole­ni abone nje ukuthi kwavula isikhala esikhulu ukubulawa kukayise wezingane zakhe.

Imantshi, um. Motala icala ube eselihlehl­isela umeyi 7 no 8 nonyaka ukuze kuqhubeke nokuthi kubizwe abanye ofakazi.

"Basebaning­i abanye ofakazi okusamele beze lapha bazofakaza kuleli cala,'' kugcizelel­a umotala.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa