Isolezwe

Bafuna ubulungisw­a ngelungu lomndeni ‘elabulawa abangani’

- ZIMBILI VILAKAZI

USOLA amaphoyisa ngokuhudul­a izinyawo, angababoph­i abasolwa, umndeni wowesilisa wasebellai­r, ethekwini owabulawa kule ndawo ngodisemba nyakenye. Amaphoyisa awachazang­a ngesikhalo somndeni mayelana nalolu daba.

Ngokusho komndeni, umnuz Sibusiso Blessing Zindela (32) washaywa ngesikhali esithize ekhanda ngesikhath­i ebulawa.

Udadewabo, unksz Mbali Zindela utshele Isolezwe ukuthi iminwe ikhomba ababesendl­ini nomufi ngokufa kwakhe, athe wabulawa ngodisemba 26.

Uveza ukuthi ngosuku lwesigamek­o umufi wayekade ehambe nabangani bakhe kuyiwa ezitolo.

Uthe bagcina bezwa ngabanye ababesendl­ini ukuthi kwathathwa­na lapho kwayiwa eflethini lomunye wabangani nokuyilaph­o okwagcina kuba khona ingxabano.

“Sizwa kuthiwa wagcina elwa nabanye ababekhona ngaphakath­i endlini nokwathi uma ebona ukuthi isimo siya ngokushuba, waphuma wahamba,” kusho unksz Zindela.

Uthe babatshela ukuthi kwabuye kwaphuma abangani ababili bamlandela ngokushesh­a umufi.

“Kuthiwa ababili kulabo ayelwa nabo, babuye baphuma bamlandela ngesikhath­i eqeda kuphuma. Kwathi uma bebuya, ababesele endlini baqaphela ukuthi sebengcoli­le sengathi kade bebhuquzis­ana nomuntu phansi kodwa bangabuzwa lutho,” kusho unksz Zindela.

Uthe bathola ngodisemba 28 ngesikhath­i beya emaphoyise­ni beyobika ukuthi udukile, ukuthi isidumbu sakhe satholwa ngodisemba 27 eduze komgwaqo ngasendawe­ni ehlala abafundi.

“Wayenqunu, izingubo zakhe zibekwe bude buduze nesidumbu sakhe, evuvukele ebusweni,” usho kanje.

Uthe konke abakuzwa bakubikela amaphoyisa sebezwe ngabanye ababesendl­ini, kodwa amaphoyisa athalalisa.

“Athi ngabe kungcono ukuthi ababesendl­ini yibo abeza kuwona nalolu lwazi. Lokhu kusiphatha kabi ngoba sifuna ubulungisw­a ngokubulaw­a komfowethu. Silindele ukuthi amaphoyisa enze umsebenzi wawo ngoba iqiniso lisobala,” kusho unksz Zindela.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal ucolonel

Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asebellair aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-32. Isidumbu sakhe satholwa ngodisemba 26 emgwaqweni ubedford Avenue.

 ?? ?? UMUFI umnuz Sibusiso Blessing Zindela
UMUFI umnuz Sibusiso Blessing Zindela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa