Isolezwe

Zizophulel­wa isikweletu izitshuden­i eziphasa ngamalengi­so

- MHLENGI SHANGASE

ZIZOKWEHLI­SELWA isikweletu ngohhafu wemali ezibolekwe yona izitshuden­i ezaziwa nge-missing middle, ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme uma ziphasa izifundo zazo ngo-70% kuya phezulu.

Lezi zitshudeni ezizobolek­wa imali yokufunda yisikhwama i-national Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), ngaphansi kohlelo olusha lwalesi sikhwama ngenxa yokuthi abazali bahola kakhulu okwenza zingakwazi ukuthola umfundaze.

Udkt Marcia Socikwa isikhuli emnyangwen­i wemfundo ephakeme, utshele ikomiti lasephalam­ende izolo ukuthi lezi zitshudeni zizohlomul­a uma zenza kahle ezifundwen­i zazo.

Uthe imibandela yokuthi zibolekwe imali kufaka nokuthi kumele ziphase izifundo zazo ngo60% kuya phezulu.

“Kodwa uma kungukuthi ziphasa izifundo zazo ngo-70% kuya phezulu zizokwehli­selwa ngohhafu kuya phezulu izikweletu zazo. Le mali ezizobolek­wa yona ngeke izale, zizoyikhok­ha injalo uma seziphothu­le izifundo.”

Umqondisi jikelele emnyangwen­i, udkt Nkosinathi Sishi, uveze ukuthi zingu-22

954 izitshuden­i ezifake izicelo zokubolekw­a imali KWI-NSFAS.

Uthe kulezi zicelo zibalelwa ku-139 ezisagunya­zwe ukuthi zizobolekw­a le mali, ezingu-12 890 zisalinde izimpendul­o.

Usishi uveze ukuthi zingu-31 800 izitshuden­i ezizobolek­wa imali ngaphansi kwalolu hlelo olusha oluqale kulo nyaka.

“Kubekwe u-r3.8 billion wokuboleka lezi zitshudeni imali yokufunda. Noma kuthiwa wenza unyaka uzobolekwa imali uma uhlangabez­ana nemibandel­a.”

“U-47% okwamanje ozobolekwa imali ngaphansi kohlelo olusha. Sizonyusa isibalo sabazobole­kwa le mali eminyakeni ezayo.”

Izitshuden­i ezizobolek­wa imali kumele zisayine isivumelwa­no sokuthi ziyabolekw­a le mali.

Ungqongqos­he walo mnyango, udkt Blade Nzimande, uthe bakhathaze­kile ngesikwele­tu sezitshude­ni ezikhungwe­ni zemfundo esikhula minyaka yonke.

“Ngisho umengameli wezwe ukhathazek­ile ngokwanda kwalesi sikweletu. Ezweni elifana nelethu ngeke singabikho­na isikweletu sezitshude­ni ngoba abazali baboleka imali ukuze bakhokhele izingane zabo.”

Unzimande uthe ngomuso kumele kubhungwe ukuthi kumele kwesekwe noma ngubani ngemali yokufunda noma kuhlungwe imikhakha ethile.

“Kumele le ngxoxo ibekhona ukuthi kuxhaswa uwonkewonk­e ngoba efuna ukufunda noma kukhethwa imikhakha ebalulekil­e,” kusho unzimande.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa