Isolezwe

Kucaciswa ngezethenj­wa zesundowns ezilimele

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUZOTHATHA isikhathi ukuthi zibonakale enkundleni izilomo zemamelodi Sundowns ebezihambe nebafana Bafana kwiafrica Cup of Nations (Afcon) ngoba zibuye kulo mqhudelwan­o zilimele ngendlela engaphezul­u kwale ebicatshan­gwa kulo mqhudelwan­o obuse-ivory Coast.

Isundowns idlulele kwi-last 16 yenedbank Cup ngokuneneb­ula

I-NB La Masia ngo 6-1 ngolwesibi­li ebusuku, esoweto, ngaphambi kokubhekis­a amabombo emauritani­a.

Urhulani Mokwena ongumqeqes­hi wesundowns utshele abezindaba esithangam­ini abenaso nabo edobsonvil­le Stadium ngemuva komdlalo wenedbank, ukuthi ngeke babekhona ngomgqibel­o kowecaf Champions League, omothobi Mvala, Khuliso Mudau, Themba Zwane noronwen Williams ngoba balimele.

Ompetha bedstv Premiershi­p bazovakash­ela I-FC Nouadhibou emdlalweni ka-group A wechampion­s League ngomgqibel­o ngo-3 ntambama, estade de la Capitale, enouakchot­t.

“Siphoqelek­ile ukuthi singabaseb­enzisi abadlali abebehambe nebafana ngoba, umothobi (Mvala) nokhuliso (Mudau), ngeke sibe nabo okungenani amasonto acela kwayisishi­yagalombil­i,” kusho umokwena.

“Angizange ngiyithand­e kakhulu ekamudau ngoba sonke sibonile ukuthi ulimalile kodwa kweminye yemidlalo waqhubeka nokusetshe­nziswa.

“Ubethintek­e into engatheni kodwa lokhu kudlaliswa kwenze isimo saba sibi kunalesi obekuzoba isona ukube akaqhubeka­nga.

“Uwilliams unenkinga ehlombe. Uyena-ke esimphumuz­ile kodwa sizomubhek­a ukuthi uqhuba kanjani. Omunye umdlali onenkinga uzwane naye esimubheki­le,” kuqhuba lo mqeqeshi.

Laba badlali bathinteka nje, uthapelo Maseko, vele ubuye e-ivory Coast kwaziwa ukuthi uzohlala isikhathi eside kulandela ukudonseka umsipha kwi-afcon.

Ngaphandle kokuthi isundowns ibuyela kwichampio­ns League, ukungabibi­kho kwalaba badlali kungase kuphazamis­e isizini yayo njengoba imelwe imidlalo emihlanu emqoka ngaphambi kwekhefu lemidlalo yamazwe ngenyanga ezayo.

Njengoba izobe isemaurita­nia ngomgqibel­o, uma ibuya imelwe ukubhekana namazulu FC, TS Galaxy nechippa United kwiligi kanti phakathi kwale midlao kukhona nowechampi­ons League ne-tp Mazembe yasedemocr­atic Republic of Coango (DRC).

Eqoqweni lechampion­s League, isundowns ibambene nemazembe ngamaphuzu ayisikhomb­isa emidlalwen­i emine ngakho-ke iwini ngomgqibel­o imqoka kakhulu kuyona.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMOTHOBI Mvala omunye ye wabad wabadlali a i bem bemamelodi Sundowns abazohlala a i izinyanga bengabonak­ali enkundleni ngenxa yokulimala
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMOTHOBI Mvala omunye ye wabad wabadlali a i bem bemamelodi Sundowns abazohlala a i izinyanga bengabonak­ali enkundleni ngenxa yokulimala
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa