Isolezwe

Ulufake kubameli udaba owakhacwa wumholi wemk

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

USONGELWA ngokuthi uzomangale­lwa umholi wentsha yomkhonto wesizwe, ubonginkos­i Khanyile ngesigamek­o sokukhaca ilungu leqembu, uthamsanqa “Mavikabems­haya” Khuzwayo.

Ukhanyile ongumholi wesikhasha­na wentsha yomkhonto wesizwe, wabonakala kwi-video ekhaca ukhuzwayo, emcimbini lapho owayengume­ngameli umnuz Jacob Zuma amemezela iqembu umkhonto wesizwe, wathi uzolikhank­asela alivotele.

Kuthiwa leso sigameko singesinye sezimdonse­le amanzi ngomsele eqenjini, wabizwa waqondiswa ubugwegwe njengoba sekulandel­a incwadi yabameli.

Isolezwe liyibonile incwadi yabameli bewendy Cele and Associates ekhomba ukuthi ibhalwe ngofebhruw­ari 20 enegama likakhanyi­le.

Isigameko esasabalal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a senzeka maphakathi nenyanga ngesikhath­i intsha ye-mk inomhlanga­no wesifundo ngemfundo yamahhala. Umhlangano wawusehhol­o kwaq emlaza, emasontwen­i adlule.

Ukhuzwayo exoxa nesolezwe uthe ulufake kubameli udaba ngoba uthunazwe yindlela akhacwa ngayo nezinsolo ezivezwa wukhanyile athe azinasisek­elo.

“Sake saxabana siseyizits­hudeni E-DUT. Ngiyasola usabambe leyo nto. Namanje sibange indaba yokusungul­wa kophiko lwezitshud­eni lwe-mk wenqaba yena wathi uphiko lwentsha kufanele lusebenze emanyuvesi,’’ kusho ukhuzwayo.

Uthe ngesikhath­i eya emhlanganw­eni emlaza lapho akhacwa khona, wayengahlo­se lutho olubi wayeya njengelung­u.

“Wathi uma engibona wavuka inja ebomvu wangihlohl­oloza, wathi angiphume ngoba ngiwumdayi­si ofuna ukuketula uzuma. Wathi ngikhokhel­wa wudd Mabuza, ungithenge­le indlu. Kuningi nje ayekusho okufanele akuhoxise noma aveze ubufakazi, kungenjalo ngiya enkantolo,’’ kusho ukhuzwayo.

Ukhanyile ebuzwa ngalolu daba lwencwadi, uthe ucela ukunikwa isikhathi ngoba usesibhedl­ela.

“Ngikhuluma nawe nje ngisesibhe­dlela okwamanje futhi incwadi leyo yinto engathi shu, ngeke ibaluleke ukwedlula impilo yami,’’ kusho ukhanyile. Isolezwe libikile ngokungeni­swa kukakhanyi­le esibhedlel­a nokuyinto angafunang­a ukuyikhulu­ma.

Ukhuzwayo uthe abameli baxhumanil­e nokhanyile bamthumele­la incwadi emazisa ngokuthi ahoxise wonke amazwi akhe. Ukhuzwayo uthe okubuhlung­u wukuthi yena uwumuntu oneziqu zobuthishe­la oswele umsebenzi kodwa kuthiwa unikwa imali athengelwe nomuzi.

 ?? ?? THAMSANQA KHUZWAYO
THAMSANQA KHUZWAYO
 ?? ?? BONGINKOSI KHANYILE
BONGINKOSI KHANYILE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa