Isolezwe

Kufunwa abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali

- KHULEKANI MASEKO

KUFUNWA uthuli abasinde ngokulambi­sa amaphoyisa ethela othulini ababili abasolwa ngokubamba inkunzi imoto ethwala imali, okuthiwa bebedudula­na nawo ngenhlamvu, esigamekwe­ni esenzeke kwa-u emlaza ngolwesith­athu ebusuku.

Kulesi sigameko kuthiwa abasolwa ababili kwabane abebesendl­ini baphunyuki­le babaleka ngesikhath­i ozakwabo besala enkundleni kudutshulw­ana namaphoyis­a, kanti owakhulume­layo esifundazw­eni, ucolonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asezithend­eni zabo.

Unetshiund­a uthe amaphoyisa ophiko loklebe esifundazw­eni, abelandela umkhondo ngabasolwa esigamekwe­ni sokubamba inkunzi imoto ethwala imali esenzeke kwesinye sezitolo esiphingo, okuthiwa kukhonjwe kuso unogada ngezibhamu bashaqa isamba semali engadalulw­anga bathatha nesibhamu sakhe somsebenzi.

“Uphenyo olunzulu lwamaphoyi­sa luholele emzini othile osemlaza lapho abasolwa ababili bebhadanyw­e amaphoyisa bengaphaka­thi kuwo. Abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyise­ni, nawo aphendula kwafa ababili. Abanye abasolwa ababili babalekile, alikho iphoyisa elilimalil­e ngesikhath­i kudutshulw­ana,” kusho unetshiund­a.

Uthe kutholwe izibhamu ezimbili endaweni yesigameko. Kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa akhuze umshubo kwesinye isehlo esifanayo etholene phezulu nabasolwa ngokubanjw­a kwemoto ethwala imali nezinye izigameko zobugebeng­u. Kulesi sigameko esenzeke everulam ngomgqibel­o, kufe abasolwa ababili. Kukholakal­a ukuthi bayingxeny­e yabawu-15 abazama ukubulala amaphoyisa ophiko lwetactica­l Response Team ngesikhath­i kunomzamo ongaphumel­elanga wokubamba inkunzi imoto ethwala imali enkandla ngo-2019.

Ngesikhath­i ekhipha izibalo zobugebeng­u zekota yesine ngesonto eledlule, ungqongqos­he wezamaphoy­isa umnuz Bheki Cele, uthe zingu-46 izigameko zokubanjwa inkunzi kwezimoto ezithwala imali kuleli ezenzeke phakathi kukaokthob­a nodisemba nyakenye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa