Isolezwe

Koma amathe umfelokazi ezwa ngokubulaw­a komyeni

- INCWADI: Fool me once UMBHALI: Harlan Coben ABASHICILE­LI: Penguin Random House INCWADI: Flight of the dancer UMBHALI: Lisa Lazarus ABASHICILE­LI: Staging Post ■ Ziningi izincwadi ongazifund­a kwu-www. isolezwe.co.za

UPHELELWA wumunyu, avukwe wulaka umfelokazi uma kutheleka umphenyi wecala engazalele emzini wakhe. Uphekwa ngemibuzo eshubile umaya ngemva kokungcwab­a umyeni wakhe ujoe Burkett, obulawe ngokudutsh­ulwa ngesikhath­i besepaki. Usolwa kanjena nje umaya, yingoba uyisosha ebelishaye­la izindiza zombutho wezempi e-melika.

Kuyaziwa ukuthi ungushayas’bhamu oqeqeshiwe. Encwadini ethi Fool me once, umbhali uharlan Corben, uxoxa ngemigilig­wane eyenzeka ngemva kokubulawa kukajoe, ophuma emdenini wezimpunye­la.

Umaya usala edidekile ngemva kokubukela i-nanny cam, okuyividiy­o esiza abazali bakwazi ukubona konke okwenzakay­o ngesikhath­i umuntu egade ingane yabo. Kuthi uma umaya esabukela ividiyo abone umnyeni wakhe edlala nengane yakhe, ashaqeke ngoba uyazi ukuthi bamgcwabe ezinsukwin­i ezedlule. Iqala lapho inkathazo uma esebuza u-isabella, umzanyana wengane yakhe.

Ngakolunye uhlangothi amaphoyisa athola umkhondo wababulali bomyeni wakhe. Uyaduduzek­a umaya ngoba umseshi ubesola yena ngenxa yokuthi kusetshenz­iswe izibhamu ezifana nezakhe

ngesikhath­i kubulawa ujoe. Koma amathe kumaya uma umseshi emtshela ukuthi isibhamu esibulele ujoe yisona esasetshen­ziswa kubulawa udadewabo uclaire eminyakeni embalwa edlule.

Ngesikhath­i kubulawa uclaire, umaya wayejutshw­e ekuwait. Ngabe uzothemba bani?

UMDANSI ovelele uzibuza aziphendul­e ngobudlelw­ano bakhe nonina, nezinqumo ayemthathe­la zona. Yize ujulia Glass, esekhulile futhi eshadile

kepha uyabalisa ngezinto ezamphuthe­la ngenxa yokuhlonip­ha izinqumo zikanina ulillian, owayengaph­ikiswa. Konke kwenzeka ngemva kokushona kukanina.

Ujulia, ukhumbula isikhathi lapho unina emgqugquze­la ukuthi asheshe ashade ngemva nje, kokuqeda ukufunda enyuvesi. Ubalisa ngokuphoqw­a ngunina ukuthi anciphise umzimba, waze washiya phansi ukudansa, i-ballet.

Yonke imicabango ibuya ilandelana futhi yenza amzonde unina futhi ayimnikezi ukuthula emphefumul­weni wakhe. Yize ujulia enosizi futhi emkhumbula ulillain kepha ufisa sengathi ngabe akamphoqan­ga ukuthi ashade esemncane futhi ayeke ukudansa.

Ulisa Lazarus, ngumbhali wencwadi ethi Flight of the

dancer, ulandisa ngezinsele­lo zobudlelwa­no phakathi kukamama nendodakaz­i. Kuvamisile ukuthi omama balawule amantombaz­ane bafune ukuthi bafeze amaphupho ngamadodak­azi abo.

INCWADI: Ribbons of love UMBHALI:DKT Elizabeth Peter-ross ABASHICILE­LI: Healing Prayer Press

ZININGI izinhlelo zokuzithok­ozisa nokugubha izinsuku ezibalulek­ile empilweni yethu nezithandw­a zethu. Enyangeni eqhakambis­a uthando ufebhuwari, kunezincwa­di ezimnandi eziqhakamb­isa uthando. Enye ithi Ribbons of love, ibhalwe ngudkt

Elizabeth Peter-ross. Ichaza kabanzi ngezimo zothando esizithaka­selayo empilweni futhi esizithath­a njengezibu­siso. Yeluleka ngezivumel­wano ezithathwa ngabantu abaganene. Umbhali uchaza ngomsuka wesigaba ngasinye esivamise ukuthakase­lwa ngabantu abashadile. Abanye bathokozel­a ukuzalwa kwengane, ukuqeda iminyaka ethile beshadile nezinsuku ezibalulek­ile ebantwini abaganene. Incwadi ifundeka kakula futhi ineziyalo ezichaza ngezibusis­o zokugubha izinsuku ezithize empilweni yabashadil­e.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa