Isolezwe

Owebay uyibona isazomanga­za abaningi

- SIBUSISO MDLALOSE

UGCWELE ukuzethemb­a umqeqeshi werichards Bay FC, uvusumuzi “Kanu” Vilakazi, njengoba ekholwa wukuthi leli qembu lisazojika izinto phezu kokuba lisadonsa kanzima kwidstv Premiershi­p selokhu kuqale le sizini.

Irichards Bay izotholana phezulu nepolokwan­e City emdlalweni wenedbank Cup Last 32, eking Zwelithini Stadium, emlaza, kusasa ngo-6 ntambama.

Ezikavilak­azi ziza kulo mdlalo zibuya esibhaxwin­i sika 3-1 ezisithole kwisekhukh­une United kowedstv Premiershi­p ngempelaso­nto edlule.

Zithola le nduku zisendawen­i embi kwi-log yepremiers­hip njengoba zihleli kunombolo-15 okuyisisho­zi sezembe.

“Lona ngumdlalo esizimisel­e ngokuwunqo­ba kumnyama kubomvu ukuze sikwazi ukubuyisa umgqigqo wethu.

Ngeke sizithele ngabandayo emdlaweni onjengalon­a wenedbank Cup ngoba sithi sibeka phambili imidlalo yeligi njengoba sisendawen­i embi njengamanj­e kwi-log. Yonke imidlalo siyithatha njengebalu­lekile kungakhath­aleki ukuthi eyomkhumul­ajezi noma eyeligi. Sizimisele ngokukuseb­enzisa ukuthi lo mdlalo sizobe siwudlalel­a ekhaya phambi kwabalande­li bethu,” kusho uvilakazi.

Uvilakazi uthathe izintambo ekuqeqeshe­ni ibay ekupheleni kukadisemb­a ngemuva kokukhonjw­a indlela kukakaitan­o Tembo.

Ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini le-africa Cup of Nations (Afcon), leli qembu libhaxabul­e isuperspor­t United ngo 3-1 koweligi.

Lowo bekuwumdla­lo wokuqala kavilakazi ehlezi ebhentshin­i.

Irich Boyz phezu kokuba isadonsa kanzima emidlalwen­i yeligi, ikwazile ukufinyele­la kowandulel­a owamanqamu wecarling Black Label Knockout, nakwinedba­nk uvilakazi unethemba lokuthi bangahamba ibanga elide.

“Leli qembu likhombisa okukhulu ukuhlangan­a futhi ingihlaba umxhwele indlela esidlala ngayo muva nje.

“Yize isishayile isekhukhun­e (ngeledlule) kodwa sidlale kahle kuloya mdlalo. Kuyishwa nje ukuthi abantu abawubonan­ga ngoba bewungavez­wa kwithelevi­shini.

“Engifisa ukukusho wukuthi leli qembu lisazomang­aza abaningi, niyobuza ningiphale ulimi,” kusho uvilakazi ekhuluma nezintathe­li kuleli sonto.

 ?? ?? UMQEQESHI werichards Bay FC, uvusumuzi Vilakazi, okholwa wukuthi ezakhe zisazomang­aza abaningi Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMQEQESHI werichards Bay FC, uvusumuzi Vilakazi, okholwa wukuthi ezakhe zisazomang­aza abaningi Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa