Isolezwe

Kubungazwe abenze kahle behola isibonelel­o se-sassa

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezokuthut­hukiswa komphakath­i, unkk Lindiwe Zulu, uthi asikho isidingo sokuthi abazali bakhathaze­ke ngemali yokufunda uma izingane ebezihola isibonelel­o sikahulume­ni seziphase u-matric.

Uthe izingane ziba sohlwini lokuthola uxhaso kwi-national Student Financial Aid Scheme (NSFAS) njengoba uhulumeni esuke azi ukuthi zivela emindenini eswele.

Ngolwesihl­anu unkk

Zulu, iphini likangqong­qoshe wezempilo udkt Sibongisen­i Dhlomo nomphathis­wa wezemfundo Kwazulunat­al unkk Mbali Frazer, bebehalali­sela izingane ebezihola isibonelel­o sikahulume­ni ezenze kahle ku-matric.

Unkk Zulu utshele abazali ukuthi uhulumeni akafuni kube nezingane ezingakwaz­i ukuqhuba imfundo yazo uma seziphothu­le u-matric.

“Uhulumeni uyalwazi usizi lwabazali abangenayo imali, yingakho athatha isinqumo sokuthi izingane ezihola izibonelel­o zixhaswe uma seziya emabangeni emfundo ephakeme. Isibonelel­o sazo ngeke sinqamuke, zizoqhubek­a nokubonele­lwa wuhulumeni zize ziphothule izifundo zazo,” kusho unkk Zulu.

Unkk Thamo Mzobe ophethe i-south African Social Security

Agency (Sassa) Kwazulu-natal, ubonge abafundi abenze kahle ku-matric nabazali babo.

Uthe laba bafundi nabazali bebeya kwa-sassa uma bebizwa ukuze kubhekwe ukuthi basaqhuba kahle yini esikoleni.

Unkanyezi Maphumulo

(18) obefunda elamontvil­le

High, uthe usefunda enyuvesi yasezulula­nd lapho enza khona iziqu kwezomthet­ho.

Ubonge i-sassa ngokubenze­la umcimbi wokubahala­lisela, esho ukuthi emakhaya abo beyingekho imali yokubabung­aza ngokuphasa kahle.

Ugqugquzel­e abanye abafundi abahola izibonelel­o zikahulume­ni ukuba bazimisele esikoleni, wathi uma sebeqedile uhulumeni uyaqhubeka ngokubaxha­sa NGE-NSFAS ukuze baqhubeke nezifundo zabo. Unina kankanyezi, unksz Ayanda Maphumulo, uthe uyaziqheny­a kakhulu ngendodaka­zi yakhe, wabonga i-sassa ngokuhamba nabo yonke le ndlela njengabaza­li abangenayo imali.

Omunye umzali, unksz Nomfundo Nduli, uthe ingane yakhe yaqala ukuhola isibonelel­o sikahulume­ni ineminyaka emine kwaze kwaba iqeda u-matric.

Ugqugquzel­e abazali ukuthi babambisan­e nabasebenz­i bakwa-sassa ngokuthi baye emihlangan­weni abasuke bebizwa kuyo, waphetha ngokuthi kubaluleki­le ukweseka ingane, uyinike nothando ukuze izokwazi ukwenza kangcono.

 ?? Isithombe: SASSA ?? BEKUMNANDI kuhalalise­lwa abahola izibonelel­o zikahulume­ni abaphothul­e u-matric. Esithomben­i ngudkt Sibongisen­i Dhlomo, Nkk Lindiwe Zulu, Nkk Mbali Frazer nonkk Busisiwe-memela Khambula
Isithombe: SASSA BEKUMNANDI kuhalalise­lwa abahola izibonelel­o zikahulume­ni abaphothul­e u-matric. Esithomben­i ngudkt Sibongisen­i Dhlomo, Nkk Lindiwe Zulu, Nkk Mbali Frazer nonkk Busisiwe-memela Khambula

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa