Isolezwe

Kubhekwe I-IEC nomhlahlan­dlela ozolandelw­a okhethweni

- MHLENGI SHANGASE

NJENGOBA selufakwe ngaphansi komqulu kahulumeni usuku lokhetho umeyi 29, 2024, umengameli Cyril Ramaphosa unxuse abantu bakuleli ukuthi baphume ngobuningi babo bayovota.

Ukufakwa ngaphansi komqulu kwalolu suku kusho ukuthi kuzobe kuyiholidi elisemthet­hweni kuleli.

Okhulumela uramaphosa, umnuz Vincent Magwenya, uthe osekusele wukuthi abantu baphume ngobuningi babo bayovota.

Uthe ngaphandle kokuvota, ukhetho oluzayo kuzobe kuyisikhat­hi sokuthi kugujwe iminyaka engu-30 kwatholaka­la inkululeko kuleli.

“Umengameli unxuse abantu ukuthi baphume ngothi lwabo bavote. Abazokhank­asa banxuswa ukuthi bakwenze lokhu ngokuthula, balandele imithetho yezwe.”

Ikhomishin­i eyengamele ukhetho kuleli i-independen­t Electoral Commission (IEC), kulindelek­e ukuthi imemezele izinhlelo zokhetho njengoba usuku seluqoshwe ngaphansi komqulu kahulumeni.

Ikhomishin­i izokwenza lokhu esithangam­ini nabezindab­a namhlanje egoli.

Okulindele­kile ngukuthi iveze umhlahland­lela ozolandelw­a kuze kufike usuku lokuvota.

Izophefumu­la ngezithint­a imali okumele ikhokhwe ukuze ungenele ukhetho kanjalo nomnqamula­juqu kulabo abazongene­la ukhetho.

Izokhuluma ngabahlala kwamanye amazwe abazovota, ukuvulwa kwezicelo zalabo abazovota ngokuyisip­esheli njengoba kulolu khetho uzovota lapho uhlala khona kuphela noma kuwukhetho lukazwelon­ke nolwezifun­dazwe ngaphandle uma wenze izinhlelo kusenesikh­athi nekhomishi­ni.

Kuzomenyez­elwa nesibalo samavoti adingekayo ukuze uthole isihlalo esishayamt­hetho noma ephalamend­e likazwelon­ke.

Amaqembu amaningi alubheke ngabomvu lolu khetho njengoba ethi kuzobe kufana nokhetho lokuqala lwentando yabantu ngo1994.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kuzobe kungokokuq­ala ukuthi abangenele ukhetho ngokuzimel­a babe yingxenye yokhetho njengoba bebengenel­a kuphela olohulumen­i basekhaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa