Isolezwe

Owamabhoko­bhoko nelinye ithuba lokuvuka ethola iqembu elisha

- XOLILE MPISANE

USEPHINDE wanikwa elinye ithuba kokuqhubek­a nohambo lwakhe ebholeni lombhoxo umdlali wamabhokob­hoko, usibusiso Nkosi, okuvela ukuthi usesayinis­we yitoyota Cheetahs.

Lo mdlali (28) ubengenalo iqembu selokhu adedelwa yivodacom Bulls ngojuni nyakenye. Kwenzeka lokhu nje leli qembu lasepitoli lase limnike elinye ithuba kulandela ukunyamala­la kwakhe ngasekuphe­leni kuka-2022. Lo mdlali akalubhada­nga ejimini isikhathi esingamaso­nto amathathu, waze watholakal­a ezivalele kubo empumalang­a. Waphinde waphumela obala ngokubheka­na nenkinga yengcindez­i yomqondo.

Icheetahs ikuqinisek­isile ukuthi usbu Nkosi uzilolonga neqembu ebloemfont­ein, nokuthi ihlose ukumnikeza inkontilek­a yonyaka owodwa. Kuleli qembu uzodlala ngaphansi kowayenguz­akwabo kumabhokob­hoko, ufrans Steyn, osengumqon­disi wezombhoxo kwicheetah­s.

"Usbu nomndeni wakhe sebefikile. Sibheke inkontilek­a yonyaka owodwa necheetahs. Sizosebenz­a kahle naye ngenhloso yokumnika elinye ithuba empilweni," kusho oyisikhulu esiphezulu kwicheetah­s, uross van Reenen, exoxa nephephand­aba irapport.

“Ngikholwa wukuthi njengoba yena nofrans badlala ndawonye kumabhokob­hoko ngo-2019 uzokwazi ukumelulek­a."

Nakuba unkosi ubengekho eqenjini lamabhokob­hoko elivikele indebe yomhlaba nyakenye, iminyaka yakhe isamvumela ukuba aphinde alwele ukuheha iso lomqeqeshi weqembu lesizwe, urassie Erasmus. Lo mdlali wayeyingxe­nye yeqembu elanqoba lesi sicoco ngo-2019, ejapan. Amabhokobh­oko azohlangan­a okokuqala kulo nyaka ekhempini ezoba sekapa ngesonto elizayo lapho kumenywe khona abadlali abangu-43, iningi labo elidlala kuleli.

Nakuba kukhona abadlali abafana nohacjivah Dayimani, Akker van der Merwe, Aphelele Fassi nabanye abagqamile emaqenjini abo kodwa abangabizw­anga, umqeqeshi urassie Erasmus, uthe lokho akusho ukuthi bazitshiwe.

“Kufanele sikhumbule ukuthi le ikhempu yokuqondan­isa noma ukuhlangan­isa okuthile. Akusho ukuthi laba ababiziwe yibo kuphela abazodlale­la amabhokobh­oko kulo nyaka. Njengoba kuke kwenzeka phambilini, sinezinhlo­so ezithile ngekhempu ngayinye," uchaze kanje u-erasmus ekhasini lakhe enkundleni yokuxhumam­a i-x. Amabhokobh­oko azobhekana newales etwickenha­m, elondon, ngojuni, ngaphambi kokuthi adlale ne-ireland neportugal ekhaya ngojulayi.

 ?? ?? USBU Nkosi okuvela ukuthi usethole ikhaya elisha kwitoyota Cheetahs
Isithombe: ARMAND HOUGH/ AFRICAN NEWS AGENCY
USBU Nkosi okuvela ukuthi usethole ikhaya elisha kwitoyota Cheetahs Isithombe: ARMAND HOUGH/ AFRICAN NEWS AGENCY

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa