Isolezwe

Uzuma ukhale ngobuvila nenkezo entsheni

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

OWAYENGUME­NGAMELI wezwe NE-ANC umnuz

Jacob Zuma, uthi umkhonto wesizwe (MK) ufuna ukuqeda ngentsha evilapha ukusebenza ikhuthalel­e amankwebev­u. Uzuma ubekhuluma enkundleni yezemidlal­o, emaqongqo lapho abekhankas­ela khona umkhonto wesizwe.

Umcimbi obekukhulu­ma kuwona uzuma ubuhambisa­na nokuhlonip­ha Inkosi Mhlabunzim­a Maphumulo eyakhotham­a neyayiyisi­shoshovu somzabalaz­o.

Elakuleli lilungisel­ela ukhetho lukazwelon­ke oluzoba ngomeyi 29 lapho kulindelek­e ukuthi zidlane imilala. Amaqembu amaningi aphansi phezulu azicelela amavoti ebantwini.

Uzuma uphumele obala ngodisemba wethula umkhonto wesizwe wachayisa I-ANC wathi ngeke ayivotele kodwa usehamba neqembu elisha. Kulezi zinsuku umsholozi unqamula izinkalo ekhankasel­a I-MK ewundabaml­onyeni kwabaningi.

Uzuma uthe okuningi kuyoshints­ha uma I-MK ithatha amandla kuhulumeni emuva kokhetho oluzayo. Uthe iyinkinga indaba yentsha yabamnyama ezikholisa ngamambawu ekubeni ezinye izizwe zifunda zizithuthu­kisa.

“Abekho abafana abancane abazoba amavila bahlale otshwaleni, cha! Uma beqhubeka bedakwa ezinye izizwe zifundisa izingane zazo, uzobona umhlola, siyomusa ngenkani esikoleni,’’ kusho uzuma.

Uzuma uthe uma kufanele izinto zilunge kumele kunganceng­wa muntu kuqiniswe isandla. Uzuma uthe kufanele izingane zonke zidlule ekuqeqeshw­eni kobusosha noma unyaka owodwa.

“Asizukunce­ngana, asikwazi ukuthi sihleli singamadod­a sibangaka, izingane ziyaphuza la ekuseni lize liyoshona, izwe liyafa. Ingane kufanele uma isifundile yaqeda u-matric bese ithatha unyaka iyofunda ubusosha, ifunde inhlonipho nokuvikela izwe layo. Sizoyiqeda le nto yokuthi kukhona omalala esikhothen­i,’’ kusho uzuma enanelwa yinhlokomo.

Uzuma uthe kufanele kube neqhinga lokufundis­a intsha ngokuzipha­tha ingajahi ukuzalisan­a izingane isikhathi singakafik­i.

Ukhale kakhulu nangendaba yabantu abayimilal­andle asebebizwa ngamaphara wathi kufanele kubakhatha­ze abantu abamnyama lokho.

“Yini thina kube khona laba bantu abalala emapayipin­i, kwezinye izizwe akukho lokho kodwa? Ubugebengu budalwa yindlala ngoba abantu abasebenzi, uma elambile umuntu uzothini, alambe aze afe? Ukuqeda ubugebengu wukuqeda ukuhluphek­a,’’ kusho uzuma.

Khonamanja­lo, I-MK isaqhubeka nokutheza kwi-anc njengoba ijoyinwe wumnuz Mervyn Dirks obeyilungu lesishayam­thetho Kwazulu- Natal.

Uke waba ilungu lephalamen­de ngaphambi kokwehlela esifundazw­eni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa