Isolezwe

Sehlile isikhathi sokuhamba kukagesi

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE ezikagesi, udkt Kgosientsh­o Ramokgopa, uthi bakwazile ukwehlisa ukunqamuka kukagesi ngamahora awu-600 kulezi zinyanga eziwu-12 ezedlule.

Uramokgopa uthe ngo-2022 ugesi wanqamuka amahora awu-1 800 kodwa ngonyaka odlule unqamuke amahora awu-1 200.

“Sisebenza ngokuzikha­ndla ukuqeda inkinga yokunqamuk­a kukagesi. Okwenzeke ngesonto eledlule lapho kuye kwabuya ukunqamuka kukagesi ngesigaba sesihlanu kube yiphutha. Kufe imishini emihlanu ekendal. Okuhle wukuthi lizoshona elanamhlan­je isisebenza emithathu,” kusho uramokgopa.

Uthe banezinhle­lo zokuthuthu­kisa ingqalasiz­inda yokuthumel­a ugesi kubantu.

“Ukuthuthuk­iswa kwengqalas­izinda yokuthumel­a ugesi kuzodla u-r400 billion. Le ngqalasizi­nda ngingayifa­nisa nemigwaqo okuhamba kuyo izimoto ngoba nayo ihambisa ugesi. Simatasa nokulungis­a izinhlelo zethu zokuthi le ngqalasizi­nda izokwakhiw­a kanjani, sizosebenz­isana nobani, imisebenzi ezodaleka nokunye okuningi. Sizokwazi ukuyithola imali ngeke kube yinkinga futhi ngeke sidinge usizo lukahulume­ni,” kusho uramokgopa.

Uveze ukuthi ugesi ongekho ngenxa yokuthi kulungiswa imishini usuke ku-17 000MW waya ku-14 000MW.

Uthe lokhu kubanika isikhathi sokuba balungise imishini yabo njengoba befuna kuthi kushaya ubusika ugesi ongekho ngenxa yemishini efile ube usuwu-5 000MW.

Ubalule ukuthi bafuna ngomashi umehluko ube usubonakal­a ezinhlelwe­ni zokulungis­wa kwemishini.

Uthe ngomashi isikhulu esisha esiphezulu sase-eskom, umnuz Dan Marokane sizoqala umsebenzi waso.

Uramokgopa ubuye wacacisa ukuthi izindaba ezithinta amasheya, ezokuphath­a nokunye zikhulunyw­a wungqongqo­she wezamabhiz­inisi kahulumeni. Uthe yena umatasa nokuqeda inkinga yokunqamuk­a kukagesi.

Isazi sezamandla, udkt Mohamed Madhi, sithe umnotho waseningiz­imu Afrika ngeke ukhule uma kusanqamuk­a ugesi ezweni.

Umadhi ekhuluma ku-newzroom Afrika, uthe kufanele izinhlelo zokusabala­lisa ugesi zisheshe, zibhekelel­e inhlakalah­le yabantu bakuleli nesimo sesikwelet­u sezwe.

Uphethe ngokuthi ukuphehla ugesi ohlanzekil­e kufanele kudale amathuba omsebenzi futhi kukhulise umnotho wezwe.

 ?? Isithombe: NTSWE MOKOENA/GCIS ?? UNGQONGQOS­HE wezikagesi, udkt Kgosientsh­o Ramokgopa, uthi usukhona umehluko ekunqamuke­ni kukagesi
Isithombe: NTSWE MOKOENA/GCIS UNGQONGQOS­HE wezikagesi, udkt Kgosientsh­o Ramokgopa, uthi usukhona umehluko ekunqamuke­ni kukagesi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa