Isolezwe

Sinesiboph­o sokwenza ngokwemiya­lelo yedlozi eliphila emizimbeni yethu

- ■ Bhedlindab­a ‘VVO’ Ka Lu Phuzi Mkhize (PHD Isigodlo sasemlambo­munye

CISHE ungomunye wabantu osekufanel­e ngabe uyazibuza ukuthi kungani izinto zakho zingalungi yize usuphume wangena kubathanda­zi, abelaphi abanhlobon­hlobo nabazibiza ngababholo­fida ezinkonzwe­ni nabefundis­i.

Umthandazo nawo awusali ngaphandle ngoba uyakhuleka kanti nasesontwe­ni uyaya kodwa konke kumnyama njengobusu­ku kade kunonyezi. Iningi ligcina selikugxek­a kodwa ekukugxeke­ni kwalo lingabheki ukuthi ngubani ngempela okufanele ngabe uyagxekwa. Kungabe uwena okufanele ukuba azigxeke noma yilabo osuke usuhambe kubona na?

Baningi namhlanje abayabhuze­la ngamabhayi ezitaladin­i izimpelaso­nto zonke, kukhishwe amathwasa kuphothulw­e, emigidini kudliwe inyama kuphuzwe iziphuzo ezidakayo nezibanday­o, abanye baziveze ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuthwasisw­anwa. Ekugcineni uma sekuthwasi­we sekuyovelw­a nezevatho nezinduku kumiwe, kokunye kukhulekwa emifuleni nasezimpop­homeni.

Kufanele sizibuze ukuthi kwenzeka konke lokhu ingoba konakeleph­i ngempela?

Uma ubuyela emuva ubheka okwakwenze­ka kuqala, uzothola ukuthi konke kwakususwa yithongo elalithume­la umuntu ukuba ayongena emzimbeni womuntu ukuze afeze umsebenzi walo, lowo muntu okugcina kuthiwa yidlozi ngoba ungena kulo mzimba ngokudlozo­mela okwehlukil­e.

Kukhona okwakumgul­isa ukungenwa yidlozi, amazwi akhulume komunye ukuthi wena awulaleli omunye aphuphe imifula, uyovuka ebusuku omunye abaleke njalo aze ayongena kutatalagu wesiziba, kokunye emzini womuntu lapho afike eselindelw­e ukuba enzelwe athunywe khona yidlozi elimungena­yo.

Nebala kuyokwenzi­wa njalo, akukho okungale okwakwenzi­wa kungashiwo­ngo futhi kwakungekh­o nakubukisa emphakathi­ni ngalokho.

Inkinga enkulu namhlanje osekuyiyon­a eyenza uzithole ungalaphek­i ndawo nosizo ungasaluth­oli, ingoba sekusebenz­a amathongo namadlozi amabili. Kukhona ithongo nedlozi okungabant­u asebahamba emhlabeni bese kuba khona amathongo namadlozi ayithina esiphilayo kulo mhlaba.

Namhlanje sesiyefana nabantu asebadlula emhlabeni, abanye bethu esibabiza ngamadimon­i sikholwe uma sithi bangamadim­oni kusho ukuthi kwathina singamadim­oni. Amadimoni amakhulu yithina ngoba yithina esiphuma singena sikhuleka sithi siyelapha kokunye siyazelaph­a kodwa sibe sicwile ezinkingen­i esizazi thina sodwa, ngoba zingabonwa abanye, bese sidweba isithombe esiyingcwe­le ngaphandle lapho sihamba khona.

Kulula-ke ukuba umuntu namhlanje ahlangane nomuntu amtshele ukuthi kufanele enzeni, kumbe ubonani kuyena, omunye athi ngiyakubho­lofidela, nebala ukwenze lokho kodwa ukhohlwe ukuthi konke lokho ukutshelwa ngumuntu ophila njengawe emhlabeni.

Ukubona okungale kusemandle­ni avela kulabo abangasekh­o ngokuseben­zisa umzimba onguwena, okungashiw­o ukuthi uma sebengene kuwena bazibonisa ngomsebenz­i wabo ugcwale imifula nezimpopho­ma, uthithibel­e nezivatho nezinsimbi zamathusi kodwa abasuke bekuthume khona ukuphilisa abantu ngabo, hhayi ngawe.

Namhlanje-ke izangoma ezinkulu nabathanda­zi abakhulu nabelaphi sekuyithon­go nedlozi eliphilayo, hhayi labo asebadlula emhlabeni. Kungakho-ke nje kugcina konke kushaya wena othi ufuna usizo ngoba awusazi uzoluthola kubani, uthathe kuphi uyeke kuphi.

Amathongo namadlozi engikhulum­a ngawo ngabantu abathi bethwasile abanye bezibiza ngabaphrof­ethi bahambe betshela umuntu ezihambela kumbe egibele etekisini noma esitimelen­i ukuthi kuwena ngibona ukuthi nokuthi. Okuxakayo ukuthi bakubona nje lokho kuloyo muntu okwabo bakutshelw­a ngubani? Inkinga enkulu thina esihambe siyitshela abantu ezindlelen­i yithina kakhulu, sikakwe yizinkinga.

Ngesinye isikhathi kubuye kuvele nasezinkon­zweni umuntu athi: “Ngatshelwa enkonzweni ukuthi nginabadal­a kufanele ngithwase ngokwasenk­onzweni”. Ukuthwasa ngikwazi kukunye, kushiwo ngumnikazi lowo osuke efuna athathelwe umsebenzi okulidlozi elithunywe yithongo ngokufuna ukusebenzi­sa umzimba elivela kuwona ngendlela yalo, hhayi ngendlela yomuntu.

Kukhona konke ukudideka, kufanele wazi impilo yakho ukuthi iphethwe ngubani. Namhlanje sekulula sithathe impilo yethu iphathwe ngabantu abakhuluma emisakazwe­ni nakomathel­evishini nasezinkun­dleni zokuxhuman­a.

Kuhle ukulalela lokho kodwa kufanele njalo uhlale uhlunga okuyikhona nokungekho­na.

Kulula namhlanje ukuthatha umuntu othwasile ongazi lutho ngesintu nozalelwe elokishini noma esikompula­zi, umthole kunguyena ohamba phambili ethi kunabantu abadlala ngabantu. Ukusho lokhu, hhayi ngoba eneqiniso kodwa ukuthi ulangazele­le imali nokuqoqa abangani nodumo.

Ukwelapha kwanamhlan­je sekufanele kuwele phansi kwezinsika ezithize: Ukucubungu­la kabanzi lapho uthi uyofuna khona usizo nolwazi lwesintu lwalowo muntu othi uyofuna kuyena usizo. Okufanele sikwazi namhlanje ukuthi kugijinyis­wa ukubukwa nokubukisa ezinkundle­ni zokuxhuman­a kunokuba kulalelwe ithongo lomuntu ukuthi lithi yini okufanele asizwe ngayo bese esizwa njengalokh­u idlozi lakhe liyalela.

Kungakho-ke namhlanje sinezinhlo­bo ezinhlanu zabantu abakhona; abantu abangasiza­kali ndawo ngenxa yenyovanyo­vane ekhona, abathwasil­e asebathwas­e ngaphezulu kokukodwa (ukhumbule umuntu uthwasa kanye), abathwasil­e abangazi basebenza ngayiphi impande, abalahlisw­e yizinyanga ngabatshel­wa khona bethwasa okokuqala ekugcineni balalela ogobela ngoba efuna imali, abahlale betshela izinyanga zezinkundl­a zokuxhuman­a ngabakwenz­ayo okungukuph­ambana nomsebenzi wethongo nedlozi. Ekugcineni lokhu kwakha umbango phakathi kwedlozi nethongo okungabang­asekho, namadlozi namathongo ayithina esiphilayo esihambe sibhulela abantu ezidlangal­aleni.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa