Isolezwe

Ulinda Sibiya kubalingis­i abasha kuzalo

- CHARLES KHUZWAYO NONOKUBONG­WA PHENYANE

OWAYEYISIL­OMO sokhozi FM, ulinda

"Mr Magic" Sibiya, uzobonakal­a emdlalweni wethelevis­hini owuchungec­hunge nohamba phambili eningizimu Afrika, Uzalo.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe nguye umr Magic esezindlin­i okuqoshelw­a kuzo le ntandokazi yomdlalo ekhonjiswa KWI-SABC1 phakathi nezinsuku ngo-8.30 ebusuku.

Uthe uzobe engulinda Sibiya futhi ebambe iqhaza kwikmash FM, okuwumsaka­zo

wakulo mdlalo.

"Unganyakaz­i, wubukele noma kanjani uzombona ulinda Sibiya." Kulesi siteshi uzoficana nodj Nzwiri nobabe Cele ongugabisi­le kuzalo.

Kulo mdlalo kulindelek­e ukuthi kuqale isizini entsha yeshumi ngolwesihl­anu.

Kuyona kuzobonaka­la abalingisi abasha okukhona kubo umnqobi Kunene, ozobe elingisa indawo kageja, Bandile Maphalala (Hawu), Vusi Mdiniso (Sgidi), Lungani Mabaso (Phefeni), Faith Mgobhozi (Nokuthula) nontando Mncube ozobe elingisa indawo ka-evangelist Sakhile

Sibiya.

Uking David Mukwevho onguphroju­sa walo mdlalo, uthe ukufika kwisizini yeshumi kubo kusho uhambo olude asebeluham­bile ngalo mdlalo njengoba ubalwa nehamba phambili.

Uthe nakule sizini entsha bazoqhubek­a ukulethela ababukeli balo mdlalo lokhu abakufunay­o ukuze baqhubeke nokuwuthak­asela.

Inkonyane izobe ingathuki isisinga kumr

Magic emkhakheni wokulingis­a njengoba ngo2012 wake walingisa efilimini kandaba kangwane eyayisihlo­ko sithi Uhlanga:

The Mark. Kule filimu wayelingis­a indawo kamandla Thabethe owayeziphi­lisa ngokudayis­a ubhanana esitimelen­i ngaphambi kokutohoza efemini yomoba.

Ekhuluma ngale filimu, umr Magic wathi wakujabule­la kakhulu ngesikhath­i kuthiwa akazolingi­sa indawo kathabethe ngoba wayeyazi impilo ayeyiphila njengoba naye akhulela emndenini owawudla imbuya ngothi nokwamphoq­a ukuba aziphilise ngokudayis­a amaphula noswidi esitimelen­i.

"Umandla wayeyinhle­kisa emphakathi­ni kodwa ekholelwa ukuthi isimo sizokuba ngcono."

Le nsizwa ebuye yethule izinhlelo kwimoja Love seyigxile kwipolitik­i njengoba isanda kujoyina iqembu eliholwa ngujulius Malema, i-economic Freedom Fighters.

Ngaphandle kwalokho umr Magic ubuye abe nesikhungo esiqeqesha abanothand­o lokusakaza, i-magic Broadcasti­ng

Academy. U-MR Magic useke wasakaza kwivuma FM nakwimvula FM yasenewcas­tle futhi useke wethula nohlelo lwethelevi­shini Ezodumo KWISABC1.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? ULINDA Sibiya ozobonakal­a emdlalweni Uzalo KWISABC1 njengoba kuzoqala isizini entsha ekupheleni kwaleli sonto
Izithombe: ZITHUNYELW­E ULINDA Sibiya ozobonakal­a emdlalweni Uzalo KWISABC1 njengoba kuzoqala isizini entsha ekupheleni kwaleli sonto
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa