Isolezwe

Ucijimpi uphaka impi ngaphambi kowe-downs

- XOLILE MPISANE

UYAWETHEMB­A amabutho akhe umqeqeshi wamazulu FC, upablo Franco “Cijimpi” Martin, ukuthi azokwazi ukumelana nompetha bedstv Premiershi­p, imamelodi Sundowns abazobheka­na nabo namuhla kowedstv Premiershi­p. Kulokhu usuthu luzobe luyizivaka­shi eloftus Versfeld ngo-7.30 ebusuku. Ezikacijim­pi zibuye kabi emidlalwen­i yeligi zishaywa yicape Town Spurs ngo 3-1 kodwa zivukile zanqoba iroyal AM ngo 1-0 kowenedban­k Cup Last 32 ngempelaso­nto edlule. Amabrazili­an adlale ngokulinga­na ngo 1-1 ne-orlando Pirates emdlalweni wakamuva weligi. Abe eselandeli­sa ngokuxebul­a INB La Masia ngo 6-1 kowenedban­k Cup ngaphambi kokushaya IFC Nouadhibou ngo 2-0 kowecaf Champions League ngempelaso­nto edlule. Ngesikhath­i begcina ukuhlangan­a eking Zwelithini Stadium ngodisemba akenye, isundowns yanqoba ngo 0 ngephenath­i eyashaywa ngulucas Ribeiro, okuwumdlal­o ufranco Martin abona sengathi kwakufanel­e bathole okuthile kuwona. “Angikhatha­zekile nakancane. Ngiyazi kuzoba wumdlalo onzima kakhulu. Wonke umuntu ulindele ukuthi sihlulwe. Kodwa-ke wonke umu tu wayelindel­e ukuthi sizohlulwa ngesikhath­i sidlala nabo lapha okokugcina,” kusho lo mqeqeshi. “Bafika lapha neqembu eliqinile basishaya ngoba kuqoshwe phansi ukuthi bayasishay­a. Sashaya igoli elihle elalisemth­ethweni (elaphikwa). Bathola iphenathi kodwa ngokwami uma uthi ugumede (Mbongeni) wayebambe umgadli kwakumele ubone nokuthi umgadli uyena owabamba kuqala. “Ngaphandle kwezinto esasingakw­azi ukuzilawul­a, sasingayih­lula isundowns. Sasizoba yiqembu lokuqala ukuyihlula kule sizini kwiligi yase aya njengoba ingakashay­wa a anje.” Isundowns iqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-39 weni engu-15, Usuthu lusendawen ka-10 ngamaphuzu ngu-22 emidlal ni engu17. Ucijimpi ukholelwa ekutheni banabadlal­i abazokwazi ukuqh elana neqembu likarhulan­i Mokwen eselinqobe midlalo engu-12 yeligi ladlala ngoku ingana kwemith hu kule sizini. “Nginesiqin­iseko sokuthi abadlali bazogqugqu­zeleka kakhulu futhi sizoba walisa . Sizokwenza konke okusemandl­en ethu. Siyalazi izinga lethu nokuthi sizobe sidlala ekuhambeni, yingakho kuzoba nzima kakhulu,” kusho yena. “Siyazi ukuthi izinto esingeke sikwazi ukuzilawul­a zingasilim­aza kodwa ngaphandle kwalokho sihamba nethemba, nomqondo wokudlala ibhola elisezinge­ni eliphezulu futhi sithole

okuthile.” Amazulu agcina ukuhlula isundowns ngo-2021, lapho ayishaya khona ngo 1-0 emdlalweni weligi ethekwini. Agcina ukuyishaye­la epitoli ngesikhath­i enqoba umdlalo weligi ngo 2-0 ngo-2019. Eminye imidlalo yedstv Premiershi­p kuleli sonto: Kusasa - Ngo-7.30pm: Cape Town City v Supersport United (DHL Cape Town Stadium); Golden Arrows Sekhukhune United (Mpumalanga Stadium).

 ?? BACKPAGEPI­X ?? UPABLO Franco Martin umqeqeshi wamazulu usanesilon­da ngokuhlulw­a kwabo imamelodi Sundowns emzuliswan­eni wokuqala wale sizini kwidstv Premiershi­p Isithombe:
BACKPAGEPI­X UPABLO Franco Martin umqeqeshi wamazulu usanesilon­da ngokuhlulw­a kwabo imamelodi Sundowns emzuliswan­eni wokuqala wale sizini kwidstv Premiershi­p Isithombe:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa