Isolezwe

I-ANC ichitha ‘eyokufudum­eza’ izethembis­o zokhetho

- MHLENGI SHANGASE

I-ANC iyayiphika eyokuthi njalo uma kuzoba nokhetho ifudumeza izethembis­o ezindala eyazenza kubantu njengoba nomqulu wayo ugidagida ezintweni ezizodwa, osekunemin­yaka ezinye zazo zingenzeki.

Le nhlangano ithe izethembis­o eyazenza kubantu ngeke izishintsh­e noma kungathiwa kunezinguq­uko esezikhona kulowo mkhakha.

Iphini likasihlal­o wekomiti elibhekele izinguquko kwezomnoth­o kwi-anc, umnuz Zuko Godlimpi, utshele abezindaba esithangam­ini izolo ukuthi labo abathi ayikho into entsha emqulwini wezethembi­so zokhetho bakhuluma into engekho. Umqulu wezethembi­so uthulwe umengameli Cyril Ramaphosa ngempelaso­nto enkundleni yemidlalo imoses Mabhida ethekwini.

Uthe abaningi bathi I-ANC imane yafudumeza izethembis­o ezindala akukho okusha okuvezwe iyona okuzoyisa izwe phambili.

“Uma ubheka umqulu WE-ANC sisakhulum­a ngezinto esazithemb­isa, ezifaka ukwakha amathuba emisebenzi, ezemfundo, ezempilo nezinye izethembis­o. Imfundo namanje sisayibeke phambili noma kungathiwa kukhona abafunda mahhala kodwa nangomuso sizoqhubek­a sikhulume ngokubeka phambili imfundo.”

Uthe naseminyak­eni engu-30 ezayo, le nhlangano izobe isagqamisa cishe izinto ezifanayo emqulwini wayo wezokhetho njengoba sekuphele iminyaka engu-30.

Abahlaziyi bezepoliti­ki kanjalo namaqembu amaningi bayawuchit­ha umqulu WE-ANC, bathi akukho okusha njengoba nezethembi­so ezithinta ukwakha amathuba emisebenzi zigcina zingafezek­anga.

Ugodlimpi uthe nakulo mqulu bathembise ukwakha amathuba emisebenzi angu-2.5 million, kubantu bakuleli.

“Lokhu sizokwenza ngokuthi kube nezimboni. Sidinga ukuba nogesi owenele ukuze sikwazi ukwenza lokhu. Indaba kagesi iyalungisw­a.”

Usihlalo waleli komiti, unksz Mmamoloko Kubayi, uvikele ungqongqos­he wezikagesi, umnuz Kgosientsh­o "Sputla" Ramokgopa, wathi usebenza ngokuzikha­ndla emkhakheni ajutshwe kuwona.

Uthe njalo uyahlangan­a naleli komiti alichazele ngebanga elihanjiwe ukuxazulul­a le nkinga kagesi.

Uveze ukuthi nomphakath­i uyaziswa ngokuthi ugesi uzocishwa nini nokuthi isimo sawo singase sibuyele nini endaweni ejwayeleki­le.

“Kukhona nabanye abathi singongqon­gqoshe BE-ANC asenziwa lutho uma singaseben­zi. Ngiyakuchi­tha lokhu, selokhu ngajutshel­wa emnyangwen­i wezokuhlal­iswa kwabantu sengiphend­ula kabili ngengikwen­zayo emnyangwen­i. Akulona iqiniso ukuthi asenziwa lutho ngokungazi­hambisi izidingo emphakathi­ni.”

Uveze ukuthi ziningi izinto esezenziwe eminyakeni engu-30 edlule kuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa