Isolezwe

Usizi imiphakath­i yasethekwi­ni iswele amanzi

- PHILI MJOLI

LUYINZUKAZ­IKEYI udaba lwamanzi kumasipala wasethekwi­ni njengoba iningi lezakhamuz­i ligcine ukuba namanzi aphuma kompompi ngolwesine.

Njengoba kade kuyimpelas­onto, ezinye izingane ezifundayo aziwashile ngoba amanzi abengekho impelasont­o yonke. Kwezinye izindawo ugesi awukho, nakhona sekuphele izinsuku ezintathu ungekho, emadolobhe­ni afana nasethekwi­ni, esiphingo, kanti imfucuza isakazwe emigwaqwen­i.

Ukuphazami­seka kokulethwa kwezidingo ezifana namanzi nogesi, ukuqoqa kwemfucuza kweyamanis­wa nesiteleka sabasebenz­i abangaphan­si kwenyunyan­a, isouth African Municipal Workers' Union (Samwu).

Abasebenza bakumasipa­la itheku bangene esiteleken­i befuna ukuthi umqashi akhulume nabo mayelana nokuthi iholo labo lingaphans­i kwelozakwa­zo abasebenza komasipala abangama-metro, i-ekurhuleni nawamasipa­la wasekapa ekubeni belawulwa umthetho ofanayo.

Umasipala usola abasebenzi ngokuthi bangene esitelekek­eni esingekho emthethwen­i, bachitha udoti baphazamis­a ukuthunyel­wa kwezidingo kubantu.

Ngenxa yalokhu, umasipala uthole incwadi yenkantolo evimbela abasebenzi ukuthi bazibandak­anye nesiteleka.

Umnuz Siya Dladla wesamwu, uthe kuze kube manje umqashi akakaze ahlangane nabo njengoba kade becelile, ayikho impendulo abasayitho­lile echaza ukuthi bazohlanga­na nini ukuze kudingidwe lolu daba.

"Siyayihlon­ipha incwadi yenkantolo," kusho udladla.

Ebuzwa ukuthi uma kunjalo ngabe sebebuyele yini emsebenzin­i, akaphendul­anga ngokuqondi­le, uthe bayawuhlon­ipha umthetho. Waqhubeka wathi ngabathile abazicaban­gelayo ukuthi ibona abathintek­ayo ekuphazami­sekeni kokulethwa kwezidingo

Umasipala wetheku izolo, uthumele isimemo ezintathel­ini uthi uzoba nesithanga­mi sabezindab­a khona izolo, wabuye wasihlehli­sa, wathi uzozazisa izintathel­i ukuthi sinini.

Ezindaweni ezisenyaka­tho yetheku okuyisever­ulam, ephoenix, Kwamashu, Ntuzuma, enanda nakwezinye, umphakathi ubuhlangan­a nawo uphethe izigubhu namabhaked­e, uhambe ubheka amanzi. Kwabanye ompompi abasemigwa­qweni abephuma amanzi kodwa kwabanye abengasaph­umi.

Unksz Nomusa Mkhize oyisakhamu­zi sakwamashu, uthe ubehlale enamanzi awafake emabhekede­ni okugada ingozi, aseze aphela njengoba sekuphele izinsuku ezintathu amanzi engekho kulendawo.

"Isimo esiphila ngaphansi kwaso sinzima kakhulu. Selokhu ephelile amanzi iloli ewalethayo ayifiki, amathoyile­thi ayanuka, izingubo aziwashiwe kakhulukaz­i ezabantu abasebenza­yo nezingane zesikole.

“Endlini akusahlanz­wa ngoba amanzi amancane esinawo siwongela ukupheka nokuphuza," kusho yena.

Ezindaweni ezihlala omntakaban­i ezifana nasemornin­gside nasewestvi­lle amanzi ake avaleka nakuzona ngomgqibel­o emini kodwa izolo abesebuyil­e

 ?? ?? AMALOLI athutha udoti angabhaliw­e abebonakal­a ethutha udoti osewuze wambondela­na enkabeni yetheku izolo. Abepheleze­lwa ngamaphoyi­sa
AMALOLI athutha udoti angabhaliw­e abebonakal­a ethutha udoti osewuze wambondela­na enkabeni yetheku izolo. Abepheleze­lwa ngamaphoyi­sa
 ?? Izithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA ?? IMFUCUZA engalandiw­e enkabeni yedolobha itheku iyaqonga, izolo bese zikhona izimoto ezithutha udoti ebeziyitha­tha ziphelezel­wa ngamaphoyi­sa
Izithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA IMFUCUZA engalandiw­e enkabeni yedolobha itheku iyaqonga, izolo bese zikhona izimoto ezithutha udoti ebeziyitha­tha ziphelezel­wa ngamaphoyi­sa
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa