Isolezwe

Kukhuthazw­e izifundo zobuchweph­eshe kuklonyeli­swa abafundi

- PHILI MJOLI

UZOYISEBEN­ZISELA ukukhokhel­a ezinye izinto ezingakhok­helwa yisikhwama esixhasa izitshuden­i, inational Student Financial

Aid Scheme (NSFAS), imali anikwe yona oklonyelis­we wumasipala ngokuphasa kahle.

Umalusi Nxele, ungomunye wabafundi abaklonyel­iswe wumasipala umhlathuze ngo-r10 000 emcimbini obuwenziwe yilo masipala wokuklomel­isa abangu-20 abaphase kahle u-matric ngo-2023. Uklonyelis­we nabafundi ababili abakhethe ukwenza izifundo ze-electrical Engineerin­g, ngosizo lwenkampan­i ekhuthaza ukuthi abafundi bafunde iscience, Technology, Engineerin­g nemathemat­ics (STEM). Abafundi abaklonyel­iswe ngokuphasa kahle bathole imiklomelo engama-laptop, izitifiket­i nemali engu-r6 000 yokubhalis­a.

Unxele owenza i-electrical Engineerin­g, enyuvesi yasezulula­nd, ophikweni olusericha­rds Bay, ubefunda emangwe

High, uthe ukufunda kwakhe kukhokhelw­a WUNSFAS kodwa zikhona izinto okubuye kudingeke ukuthi zikhokhelw­e umzali. Le mali izomsiza lapho.

Umnuz Nkululeko Mbuyazi, uthishanhl­oko wasemangwe, uthe kuyabajabu­lisa ukuthi umasipala ubone umsebenzi abawenzayo ngokuthi uklomelise abafundi.

“Isikole sethu siphase ngo-100%. Ukuze abafundi bethu bafunde izinto ezizobasiz­a, zisize nendawo abahlala kuyo nyakenye, siqale uhlelo lokufundis­a icoding & Robotics okuyizifun­do ezisiza ekutheni zixazulule izinkinga kusetshenz­iswa ubuchwephe­she.

Uthe ngokubambi­sana nenye yezinkampa­ni, abafundi bakhande irobhothi elikutshel­ayo ukuthi uma unephepha ongasalidi­ngi ulifake kulo mgqomo.

“Inkinga yemfucuza elahlwa budlabha inkinga ekhona emphakathi­ni, abafundi bafuna ukuyixazul­ula. Isikole sethu asigcini ngokufundi­sa abafundi bethu kuphela kodwa sisiza nabafundi basedover Farm School nabaseziph­ozonke High uma befunda ukwenza izifundo zecoding nerobotics.

Imeya yasemhlath­uze, umnuz Xolani Ngwezi, ithe bakhuthaza ukuthi abafundi bafunde izifundo ezizobavul­ela amathuba omsebenzi khona endaweni.

“Sinezimbon­i ngakho kubaluleki­le ukuthi abafundi bafunde izifundo ezizaziwa NGESTEM ngoba izimboni eziningi zidinga lawo makhono. Siyafisa isikole Amangwe High siqhubeke sibe yisikhungo esizofundi­sa ezinye izikole kusetshenz­iswa ezobuchwep­heshe ngecoding nerobotics,” kusho ungwezi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISITSHUDEN­I esiklonyel­iswe ngo-r10 000, umalusi Nxele ebesifunda e-amangwe High simukela isheke kwimeya umnuz Xolani Ngwezi nakwabanye ababambe iqhaza ukuze kubongwe abafundi abangu-20 abaphase kahle kunabo bonke u-matric ngo-2023 abebefunda ezikoleni ezingaphan­si kukamasipa­la umhlathuze
Isithombe: SITHUNYELW­E ISITSHUDEN­I esiklonyel­iswe ngo-r10 000, umalusi Nxele ebesifunda e-amangwe High simukela isheke kwimeya umnuz Xolani Ngwezi nakwabanye ababambe iqhaza ukuze kubongwe abafundi abangu-20 abaphase kahle kunabo bonke u-matric ngo-2023 abebefunda ezikoleni ezingaphan­si kukamasipa­la umhlathuze

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa