Isolezwe

Umkhonto usezithend­eni zeda- ucwaningo

- SABELO NSELE

IQEMBU elikhankas­elwa owayengume­ngameli, umnuz Jacob Zuma, umkhonto wesizwe, lisezithen­deni zenhlangan­o ephikisa ngokusemth­ethweni IDA. Ucwaningo lwangaphak­athi kwida lukhombisa ukuthi IMK iyiqembu lesithathu ngobukhulu. Lokhu kuvezwe ngumholi weda, umnuz John Steenhuise­n, ngesikhath­i enengxoxo NESABC. Kule ngxoxo usteenhuis­en uphinde waveza ukuthi bangaseben­zisana nemk uma kuwukuthi imigomo yabo iyefana. Usteenhuis­en uchithe ucwaningo lwenhlanga­no, i-ipsos, olukhombis­a ukuthi bazophunyu­kwa ukuba yiqembu lesibili ngobukhulu. Ucwaningo lwe-ipsos lukhombisa ukuthi I-EFF iyona ezokuba yiqembu eliphikisa ngokusemth­ethweni emva kokhetho oluzayo. Kepha usteenhuis­en uthe ucwaningo lwabo lukhombisa ukuthi I-EFF iyona ezolahleke­lwa kakhulu okhethweni lwangomeyi. Uthe ucwaningo lwabo luveza ukuthi IMK izothola amavoti angaphezu kwalawo azotholwa I-EFF okhethweni lwangomeyi. Ngokhetho olwedlule I-EFF iyona eyalala isithathu ngamavoti, ilandela ida.“umalema (ujulius) kuyobe unenhlanhl­a uma bebe yiqembu lesine ngobukhulu.” Usteenhuis­en uthe abakugqizi qakala lokhu okutholwe wucwaningo lwe-ipsos. “Bahlezi begeja labo. Okhethweni olwedlule bathi sizothola u-14% wamavoti, sagcina sithola u-21%. Empeleni kufanele sijabule uma bethi sizokwehla ngoba kusho ukuthi sizophinde senze kahle.” Usteenhuis­en uthe bangaseben­zisana nemk uma kuwukuthi imigomo yabo iyahambisa­na. “Indaba yokubusa ngokubambi­sana ayikho lula. Singakwazi ukusebenzi­sana namaqembu anemigomo efanayo nowethu. Le nto sayibona kahle ngesikhath­i sibambisen­e NE-EFF. Kwaba nezinkinga eziningi ngenxa yokuthi imigomo yethu ayifani. “Angikayibo­ni imigomo yemk. Uma kuwukuthi bakhuluma lezi zinto ezihlezi zishiwo nguzuma, angeke sisebenzis­ane nabo. Iqiniso ukuthi asikholelw­a kulezo zinto. Uma bengayeka izinto ezihlezi zishiwo wuzuma, zokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo, singaseben­zisana nabo.” Usteenhuis­en uthe ngeke basebenzis­ane NE-ANC NE-EFF, wathi imigomo yabo ayifani. Umhlaziyi wezepoliti­ki waseuniver­sity of Kwazulu-natal, umnuz Zakhele Ndlovu, uthe imiphumela yocwaningo lwangaphak­athi kwida ayithusi. “Uzuma uyathandwa kakhulu kanti futhi kunabantu abaningi abadinelwe I-ANC. Bonke abantu abadinelwe I-ANC baya kwimk. I-EFF yona isifike ekugcineni, ayisakhuli, ikakhuluka­zi lapha Kwazulu-natal.” Undlovu uthe akaboni IDA isebenzisa­na nemk emva kokhetho. “Uma ubheka izinto abazikhulu­ma kwimk ziqhelelen­e kakhulu neda. Uma ubuka abantu abajoyina IMK, abantu abangahamb­isani neda.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa