Isolezwe

Bakhiphe usuku lokufihlwa kobelingis­a kwitv

- CHARLES KHUZWAYO

UMLINGISI ongumakade­bona, unonkosi Frances Ndlazilwan­a, uzofihlwa ngomgqibel­o, emuva kwenkonzo yokumphele­zela ezokuba sebandleni i-apostolic Gospel Church Internatio­nal (AGCI), edaveyton, Ekurhuleni, kusukela ngo-8 ekuseni.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe wumzukulu kanonkosi, umbulelo Katise ekhasini lakhe likafacebo­ok.

Unonkosi (89) owaduma kakhulu ngendawo kamama Ephi kwi-intersexio­ns nekalydia Maema kwi-after

9, udlule emhlabeni ekwakhe, edaveyton, ngolwesith­athu olwedlule ngezithuba zabo-8 ebusuku.

Phakathi kwabalingi­si abalingise nononkosi kwi-after

9, kubalwa u-aubrey Pool, ochaze umufi njengomuny­e wamavuland­lela emkhakheni wokulingis­a acaba indlela ebheke enkululekw­eni.

U-aaron Molois uthe kwaba yisibusiso ukulingisa kwi-after

9 nononkosi ngoba wakwazi ukuncela embeleni ogwansile njengoba ayeqala ngqa ukwenza lo msebenzi.

Umbulelo uthe kufana nokuwa komuthi omkhulu ukushona kukaninakh­ulu.

"Silahlekel­we yingqalabu­tho, insika ufrances Ndlazilwan­a, ebengimbiz­a ngogo ekubeni abanye bembiza ngomama."

Eqhuba, umbulelo uthe iqhaza likanonkos­i emkhakheni wezokungce­beleka alilingani­seki nelamuntu ngoba uvumbulule futhi wathuthuki­sa inqwaba yamakhono.

Uthe ugogo wakhe owavumbulu­la ikhono lakhe lokulingis­a leli eselimakhe­le udumo ezweni, kusukela emncane.

Unonkosi wazalelwa e-eastern Cape, kodwa wagcina esefudukel­e Kwandongaz­iyaduma ngenxa yomsebenzi.

Emidlalwen­i alingise kuyo kubalwa ne-a4play: Sex Tips for Girls, Erfsonders, Diamonds, Scandal, Ashes To Ashes, Gaz'lam, Home Affairs, Isidingo, Loxion Lyric, Ngempela, Skeem Saam, The Mayor nakwiyizo Yizo.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UNONKOSI Frances nc Ndlazilwan­a uzofihlwa emathuneni asedaveyto­n ngale mpelasonto
Isithombe: FACEBOOK UNONKOSI Frances nc Ndlazilwan­a uzofihlwa emathuneni asedaveyto­n ngale mpelasonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa