Isolezwe

Ikhomba indlela ibuye ijike I-ANC ngabaya ephalamend­e

-

KUBUKEKA inhlangano ebusayo, I-ANC iyishaya emuva naphambili ngabaholi abasolwa ngobugwegw­e. Njengoba ngolwesihl­anu bekuwusuku lokugcina lokunikwa kwe-iec uhlu lwabaholi abazoyimel­a okhethweni, kuvele namagama abaholi abachaphaz­elwa yimibiko ngokungaha­mbisi ngendlela.

I-ANC izithethel­ele ngokuthi abangu-31 baya empeshenin­i nokushiye kunezikhal­a ezivulekil­e. Phakathi kwabo, kukhona udkt Nkosazana Dlamini Zuma, Mnuz Pravin Gordhan nonkk Naledi Pandor, abamemezel­e ukuthi kabasabuye­li ephalamend­e. Yize abanye benindwe yimibiko ngenkohlak­alo kodwa bavivinywe ngaphakath­i base begunyazwa ukungena ohlwini. Labo ngomengame­li Cyril Ramaphosa ngodaba lwasephala Phala, Mnuz Gwede Mantashe ongusihlal­o WE-ANC, Dkt Zweli Mkhize, nomnu Thabang Makwetla. Umkhize kuthiwe umsulwa odabeni lwedigital Vibes olwaba ngundabaml­onyeni esengungqo­ngqoshe wezempilo.

Omantashe nomakwetla bekushaywa amakhala ngabo ngodaba lwebosasa. Abanye abaholi okuthiwa bavele phambi kwekomiti lezobuqoth­o bakhululwa ukumela iqembu ngomnuz Paul Mashatile iphini likamengam­eli, ungqongqos­he wezezimali umnuz Enoch Godongwana, usihlalo we-eastern Cape u-oscar Mabuyane, usotswebhu WE-ANC unkk Pemmy Majodina, undunankul­u wasempumal­anga urefilwe Mtsweni-tsipane nongqongqo­she ehhovisi likamengam­eli unkk Khumbudzo Ntshavheni. Kuthiwa ikomiti lishaye amakhala ngomnuz Malusi Gigaba, David Mahlobo, Zizi Kodwa nocedric Frolick kodwa abafakiwe kwabazomel­a inhlangano ephalamend­e.

Lokhu kusho ukuthi I-ANC iphikisana nekomiti lezobuqoth­o. Kuthiwe kugunyazwe ukuba kufakwe amagama abo ukuze inhlangano ingahlukan­i phakathi. NASEKZN kunabaholi abebeshenx­isiwe ngoba besahamba amacala, kodwa asebesetsh­enziswa ukukhankas­a. Lokhu kuhumushek­a ngokuthi I-ANC ibeka phambili ubumbano lwayo, ayinendaba nokuthi lwakhelwa phezu kwamabibi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa