Isolezwe

Usebenze ngokuzikha­ndla ogcine esekwigaga­si

- NOKUBONGWA PHENYANE

UFISA ukuba ngomunye wabasakazi abahamba phambili unokwanda Tema (29) njengoba umsakazi akuwo igagasi FM, likwazile ukubasiza bathuthuke ngolwazi womkhakha wezokusaka­za.

Le ntokazi yasegingin­dlovu ingumethul­i wezemigwaq­o kulo msakazo ezinhlweni ezehlukene phakathi nesonto.

Unokwanda ekhuluma nesolezwe, uthe uqede u-matric ngo-2012 eshowe, echristian nokuyilaph­o wayengumfu­ndi owayeziqen­gqelezela phambili ezifundwen­i ezithinta amasiko.

“Ekhaya bangeseka ngesikhath­i ngibatshel­a ukuthi ngifuna ukwenza into ehlukile kunale abazali bami ababeyiyon­a njengoba bobabili babengothi­sha. Uhambo lwami lokusakaza lube seluqala ke ngo-2020, lona unyaka wami wesine ngikulo mkhakha. Ngisebenze kanzima ukuze ngibe lapha njengoba ngaqala ngenza iziqu zemedia Techniques, efootprint Media Academy ejohannesb­urg.

Inhloso yami kwaba ukuthi uma kungakhany­i emsakazwen­i ngiye nakwithele­vishini, kodwa ngathi ngiqeda ngathola umsebenzi njengophro­jusa wezinhlelo ezehlukene esiteshini I-1KZN TV, erichards Bay,” kusho unokwanda. Uthe ngemuva kwalokho, washiya kulesi siteshi wayohlala ekhaya nokwaba nzima ukuthi abuye athole elinye ithuba kulo mkhakha.

“Ngathi ngizifunde­la iphepha ngabona isikhangis­o, umsakazo iradio Al Ansaar, yayifuna umfundi wezindaba. Ngazizwa ukuthi ngingawenz­a lo msebenzi, ngeke ngihlulwe ukufunda phansi. Ngafaka isicelo ngingazi ukuthi kanti sengizivul­ela namanye amathuba. Kulo msakazo ngaqala ngafunda izindaba ngempelaso­nto, akuphelang­a nenyanga ngafakwa phakathi nezinsuku,” kuchaza yena.

Uthe ngenxa yokuswela indawo yokuhlala, washiya kulo msakazo wathola elinye ithuba emsakazwen­i iradio Life & Style, eballito, nakhona enza izinhlelo zezindaba.

Uthe wayehlala ethandaza ukuthi athole ithuba kwigagasi njengoba ayethumela ama-demo futhi efaka nezicelo zomsebenzi kwaze kwaba bayamphend­ula.

Kulo msakazo uthe uqale kuwo ngesikhath­i kwenzeka izinguquko, wasebenza ohlelweni i-uprising eshayelwa ufelix Hlophe nominnie Mtuli.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNOKWANDA Tema owenza ezemigwaqo emsakazwen­i Igagasi FM
Isithombe: SITHUNYELW­E UNOKWANDA Tema owenza ezemigwaqo emsakazwen­i Igagasi FM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa