Isolezwe

Ubroos uzokwethul­a abazodlala e-algeria

- MTHOKOZISI MNCUSENI

NAKUBA isouth African Football Associatio­n (Safa) ikuphika ukuthi umqeqeshi webafana Bafana, uhugo Broos, uke wasikaza ukushiya lesi sikhundla kodwa isithangam­i nabezindab­a sanamuhla singase sisidwebe sicace isithombe ngekusasa lalo mqeqeshi wasebelgiu­m.

Ubroos (71) unesithang­ami nabezindab­a namuhla ngo-12 emini ezindlini zokusakaza zakwasabc, e-auckland Park, egoli, lapho ezomemezel­a khona isikwati sabangu-23 azobhekana ngabo ne-andorra ne-algeria kweyobunga­ni, ebizwa ngefifa Series Internatio­nal Frindlies.

Lolu wuhlelo olusha lwenhlanga­no eyengamele ibhola emhlabeni (ififa), kuhloswe ngalo ukunikezwa amazwe aqhamuka kuwona wonke amazwekazi ukuthola imidlalo yobungani esezingeni elingcono.

Ibafana izoqala ne-andorra ngomashi 21 (e-algeria) bese ivala ngayo i-algeria zingu-26 kwephezulu enelson Mandela Stadium, e-algiers.

Nakuba kunabadlal­i okuphinde kwanemvung­e ngokusala kwabo ngaphandle kwibafana kabroos, njengokhan­yisa Mayo, oseshayele icape Town City amagoli ayisishiya­galolunye eligi kule sizini kodwa okulindele­ke ukuba kube seqhulwini ikusasa lalo mqeqeshi kwibafana.

Ngesikhath­i kuqhubeka i-africa Cup of Nations (Afcon) osekunguml­ando ukuthi ibafana iqede endaweni yesithathu kuyona, ubroos ubelokhu ekusikaza kwabezinda­ba basebelgiu­m ukuthi iminyaka yakhe ikhomba ukuthi usengawuth­atha umhlaphans­i.

Kubona lobo bumnyama kusabalale amahlebezi aveza ukuthi ubroos umfunwa uthuli i-algeria ukuba azovala isikhala, sikadjamel Belmadi, oxoshwe kulandela ukuphuma ekuseni kompetha be-afcon bango-2019, kulo mqhudelwan­o obuse-ivory Coast.

Kuze kwavela nokuthi ubroos uyitshelil­e isafa ukuthi usecabanga ukushiya kulo msebenzi ngenxa yezingqina­mba abhekane nazo kusukela ewuthatha nanokuzits­hwa yipremier Soccer League (PSL) uma enezinhlel­o acabanga ukuthi zingalisiz­a leli qembu lesizwe.

Ukuphikile-ke lokhu udanny Jordaan muva nje, ngesikhaht­i ekhuluma nabezindab­a ngokwezink­inga ezimzungez­ile kulezi zinsuku.

“Kungamanga aluhlaza ukuthi ubroos uke wasikaza ukushiya kumbe uzowulaxaz­a lo msebenzi,” kusho ujordaan kwi-iol muva nje, ezeseka ngokuthi vele kunabathil­e abangeneme njengoba isafa nebafana benza kahle muva nje.

Lokhu kulandelwe isitatimen­de sesafa ebesiqinis­ekisa ukuthi ubroos uyibheke ngabomvu le midlalo yobungani ngenhloso yokucija isikwati sakhe esinemidla­lo emqoka kulo nyaka yokuhlunge­la indebe yomhlaba ka-2026.

Ubroos udumile ngokungafi­hli, ingakho lesi sithangami nabezindab­a simqoka kwazise ngeke aliyeke ithuba lokucacisa ngamahlebe­zi ngekusasa lakhe uma abezindaba bembuza ngakho.

Ekupheleni kwesonto eledlule, ubroos umemezele sabadlali abangu-32 okuyibona azokhetha labo abangu-26 azoya nabo e-algeria.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UHUGO Broos umqeqeshi webafana Bafana, namuhla uzomemezel­a isikwayti azodlala ngaso kweyobunga­ni e-algeria
Isithombe: BACKPAGEPI­X UHUGO Broos umqeqeshi webafana Bafana, namuhla uzomemezel­a isikwayti azodlala ngaso kweyobunga­ni e-algeria

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa