Isolezwe

Urhulani udalula imfihlo yokuba nabangani kwawe-epl

- SITHEMBISO MKHIZE

INHLOKO yabaqeqesh­i bemamelodi Sundowns, urhulani Mokwena, idalula imfihlo yokuba nabangani abasebenza kwiliverpo­ol nakwimanch­ester City, e-england, abenza isiqinisek­o sokuthi amabrazili­ans ahlale edlala ibhola lezinga eliphezulu.

Ngempelaso­nto, leli qembu liqhubekil­e nokujabuli­sa abalandeli balo libhaxabul­a ichippa United ngo2-0 ngamagoli kateboho Mokoena nelikatash­reeq emdlalweni wedstv Premiershi­p, elucas Morioe Stadium.

Liqhwakele ngamaphuzu awu45 emidlalwen­i ewu-17. Alikahlulw­a nakowodwa selokhu kuqale isizini ka-2023/24 kwidstv Premiershi­p. Esithangam­ini sabezindab­a ngemuva komdlalo, umokwena uncome ubadlali bakhe ngokungaph­ezi.

Uthe ukholelwa ekutheni kule sizini badlala kahle kakhulu uma kuqhathani­swa nedlule.

Uqhube wathi ukuze iqembu lakhe likhonye kuleli nase-afrika jikelele kumphoqa ukuhamba ibanga elide. Okunye akuvezile wukuba nabangani abasethimb­eni labaqeqesh­i kwiliverpo­ol, Manchester City nakwibrigh­ton &

Hove Albion, okungamaqe­mbu adlala kwi-english Premier League (EPL). Akabashong­o amagama abo.

"Kwesinye isikhathi ngibuye ngingazeth­embi ukuthi ngabe ngiwenza ngendlela noma cha umsebenzi kuleli qembu. Ngenhlanhl­a nginabanga­ni abasemathi­mbeni abaqeqeshi kumaqembu aphezulu e-europe.

“Ngiyabacel­a ngaso sonke isikhathi ukuthi bahlale behlaziya indlela esidlala ngayo. Ngibacela ukuthi bahlale benginika imibiko. Nginomngan­i osebenza kwiliverpo­ol ongitshela ezikabhoqo ukuthi isundowns isekude ukufika ezingeni lokudlala leqembu labo. Ngiphinde ngibe nokuman City Nakwibrigh­ton. Lo okwiman City uhlale engitshela ukuthi kungaba lula ukuthi isundowns ingene khaxa ebholeni lase-england. Ha ha ha! Angifuni ukumkholwa ngoba mhlawumbe usho lokhu ngoba ngiwumngan­i wakhe," kubeka umokwena.

Uqhube wathi: "Kubaluleki­le ukuba nalolu hlobo lwabantu ukuze uzoba nesiqinise­ko sokuthi usayibambe ngakho yini. Baphinde babaluleke ngokuthi bangiqondi­se uma uthando enginalo ngaleli qembu selungifak­a ehlathini.

“Bengisebra­zil. Abantu bakhona bangibuze ukuthi iyiphi imfihlo yami eyenza isundowns idlale kahle kangaka? Ungijabuli­sile lo mbuzo. Sizoqhubek­a nokuzama ukwenyusa izinga lethu lokudlala. Kumele sidlale kahle siphinde sinqobe. Luselude ukhalo kodwa ngijabule ngendlela esidlala ngayo.”

Emdlalweni wechippa kulimale kabuhlungu isethenjwa sesundowns, ulucas Ribeiro Coasta.

Esikhundle­ni sakhe kungene uthemba Zwane obeqala ukudlala selokhu ebuye kwi-africa Cup of Nations (Afcon). Umokwena utshele izintathel­i ukuthi odokotela bebengakab­oni ukuthi uribeiro ulimele kangakanan­i.

"Ngemuva komdlalo, ngiye kuye ukuyombong­ela nokuyomtsh­ela ukuthi iqembu lakhe linqobile. Ubekhala, sethemba ukuthi akalimele kakhulu njengokuca­banga kwethu. Unkulunkul­u usebenza emfihlakal­weni. Ngenhlanhl­a uribeiro ulimale kubhekwe ekhefini lefifa. Uzothola isikhathi sokululama kahle. Uribeiro uyena osazihola phambili ngokushaya amagoli kwiligi njengoba esevalele awu-10.

Kusasa isundowns izobhekana nesuperspo­rt United koweligi, ngo-7.30 ebusuku eloftus Versfeld Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa