Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 - Apr 19

UKUZIBUKEL­A phansi kuzophazam­isa imizamo yakho ngoba uzoqhudela­na nabasezing­eni eliphezulu kunawe. Uzoba manqika. Kepha kumele uqine idolo ukuze ukwazi ukumelana nalesi simo.

TAURUS: Apr 21 - May 20

ZINIKE isikhathi esanele ngoba kuzomele wenze okwengeziw­e futhi obukade ungakulind­ele. Kunesimo okuzophoqe­leka ukuthi ubhekane naso.

GEMINI: May 21 - Jun 20

IMIDLINZO ibulala ingqondo yakho. Kunesizath­u esidala ukuthi ziqonge izinkinga zakho esikhundle­ni sokuthi uzixazulul­e. Osomathuba bazozama ukukuseben­zisa uma wehluleka ukuzicaban­gela nokuzinake­kela.

CANCER: Jun 21 - Jul 22

ISIMO siyakuphoq­a ukuthi wenze izinto ngendlela ehlukile futhi ngokushesh­a. Uzoqala ubone abanye abantu ngenye indlela ehlukile. Uzoba nokwesaba kodwa ekugcineni izokumanga­za imiphumela.

LEO: Jul 23 - Aug 22

LIZOBONAKA­LA igalelo lakho ebudlelwan­eni kanti uzosimama emsebenzin­i nemali izokwanda. Zikuhambel­a kahle izinto othandweni. Ungakhohlw­a wukuthi uma uthola uthando kudingeka ube nesineke futhi uluphathe kahle.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22

KUNGENZEKA ufune indlela yokubaleka ngoba usubona ukuthi uthathe isinqumo esingesihl­e. Kukhona ongeke ukwamukele ngakho kuzomele ushintshe umqondo. Kungakuhle ukuthi uzame ukuphuma ogibeni ngendlela engeke ikufake obishini.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22

UZOBONA inzima impilo ekhaya futhi ikufakela ingcindezi ngoba akukho ukuvumelan­a phakathi kwakho nobathanda­yo. Mhlawumbe kunezinqum­o okumele nizithathe nigweme ukuthi nihlukane phakathi. Ukuhlukana kwesizukul­wane yikona okwenza kube negebe.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21

UKUNGAZINA­KEKELI izinto ezilungile ebudlelwan­eni bakho yikho okwenza buphele kabi. Ngabe kukhona oseceleni owenza kungahambi kahle noma ukuziphath­a kwakho nophathini wakho? Ubudlelwan­o ozobuqala manje ngeke buhambe kahle futhi kungenzeka buphele kungekuhle.

SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec 21

YEKELA ukuzikhath­aza ngezinto ezincane. Yeka ukuba nenhliziyo ehluthukay­o nokungakwa­zi ukubekezel­ela abakusizay­o. Uzoyifaka engcupheni impilo yakho uma uzinika umsebenzi omningi. Kumele ukwazi ukulingani­sa isikhathi somsebenzi nesokuphum­ula.

CAPRICORN: Dec 22 - Jan 19

IZINTO zizoba nzima uma usebenzisa­na nomuntu ongakwazi ukumelana nomsebenzi abhekene nawo.

Qinisekisa ukuthi owakho umsebenzi uyawenzisi­sa futhi ngesikhath­i esifanele. Qaphela ukuthi isimo esingesihl­e siyaxazulu­leka.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18

IMIBONO yakho nendlela owenza ngayo izinto kumele ukugcine kuyimfihlo ngaphambi kokuthi ukubikele abanye abantu. Kukhona abazofuna ukusebenzi­sa imibono yakho ukuze kuzuze bona.

PISCES: Feb 19 - Mar 20

UNGAKUVUME­LI ukusatshis­wa abantu ongabazi. Kumele uhambe ngokuzethe­mba endleleni yakho futhi ngeke uhambe wedwa uma ukhuleka.

OKWENZEKA NGALOLU

SUKU: Ngo-1989 kwadlula emhlabeni isishoshov­u somzabalaz­o nomsunguli WE-ANC Women’s League (ANCWL), ulillian Ngoyi. Wadlula emhlabeni eneminyaka engu-68.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalolu suku sibala ukhanya Mkangisa (osesithomb­eni) ongumlingi­si futhi ongumethul­i wezinhlelo zethelevis­hini. Wazalwa ngo-1988 epeddie, ngase-east London.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa