Isolezwe

Abalimayo abachushis­we ngokubheka­na nesimo sezulu esiguqukay­o

-

AKUKHO ukungabaza ngokuthi ukushintsh­a kwesimo sezulu sekwenza kube nzima ukwethembe­la olwazini lwendabuko lokuqonda izikhathi zonyaka. Ngeshwa iningi labantu e-afrika selisebenz­ise le ndlela yokuphila isikhathi eside ngaphandle kokuthuthu­kisa ulwazi ngokwenzek­a emkhathini muva nje. Lezi zinguquko zisho ukuthi imiphakath­i eminingi yasemakhay­a ebivame ukulindela ukutshala nokuvuna ngezikhath­i ezithile, isisengozi­ni yokulahlek­elwa yizindlela zokwenza ukudla kokuziphil­isa. Ukulima kwenzelwa ukudla, hhayi ukuhweba, kuphilisa imindeni eminingi kuleli.

Phezu kwalokhu, isimo sezulu esivame ukuphetha ngezimvula ezidala umonakalo, ziye zendlalelw­e yisivuvu sokushisa esixakile njengoba kwenzeka kulezi zinsuku. Abe-south African Weather Service (Saws) kuleli viki bakhiphe isexwayiso ngomoya ongemuhle oshisayo. Sekuvele siyezwakal­a isifudumez­i esiphamben­e nokuthi sekumele ngabe kunomuzwa wekwindla. Ongoti bathi lokhu kushisa kungadala umonakalo kubantu. Okungasho ukuthi hleze kungadalek­a umkhuhlane, kokunye kube nabagcina bekhahlany­ezwa ukushisa emzimbeni okungahole­la esifweni esibizwa nge-heat stroke.

Hleze kungayekel­ela imiphakath­i uma kungathi kuqashelwe isimo somonakalo ongadalwa ukushisa nemvula enamandla evame ukulandela, kube nemikhanka­so yokuqwashi­sa abantu ngokwezemp­ilo nezindlela ezintsha zokulima. Le ndaba iba mandla ezindaweni zasemakhay­a ngoba le miphakathi iphile ngolwazi lwendabuko lokulungis­elela isimo sezulu. Imikhankas­o enjalo ingaba lusizo ekugwemeni umonakalo ongadalwa yisimo sezulu esehlukile kwesikujwa­yele.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa