Isolezwe

Umasipala wetheku nohlelo lokubuyise­la isimo kwesejwaye­lekile

- PHILI MJOLI

KUZOTHATHA amasonto amabili ukuthi ukuqoqwa kukadoti kubuyele esimeni ethekwini. Lokhu kushiwo imeya yetheku umnuz Mxolisi Kaunda izolo esithangam­ini nabezindab­a sokwazisa umphakathi ngokuthi umkhandlu usukuphi nezinhlelo zawo zokubuyise­la isimo kwesejwaye­lekile, emva kokuphazam­iseka kokuhanjis­wa kwezidingo ngenxa yesiteleka sabasebenz­i benyunyana ISA Municipal Workers Union (Samwu).

Ukaunda uthe nakuba seluqalile uhlelo lokuthi kubuyiselw­e isimo kwesejwaye­lekile kunezindaw­o eziningi abasebenzi bakamasipa­la abangakakw­azi ukufinyele­la kuzo okubalwa izindawo ezifana nasedube Village, Maoti, Clermont, Westham, Westmead, Morningsid­e nakwandeng­ezi nezinye. Uthe umkhankaso wokuhlanza enkabeni yedolobha uzoqala namhlanje kuzobe kunamavolo­ntiya angaphezul­u kuka-3 000 azobe eyingxenye yokuqoqwa kukadoti enkabeni yedolobha.

Mayelana nokubuyise­lwa kohlelo lwamanzi, uthe umasipala uyawuthume­lela umphakathi amanzi ngamaloli kodwa baqale ngokuthi amanzi athunyelwe ezikoleni nasezikhun­gweni zezempilo.

Uthe umasipala uhlangene nenyunyana ngesikhalo sayo sokuthi abasebenzi bafuna ukuthi iholo labo lilingane neliholwa ngabanye ozakwabo komasipala abakhulu kodwa wathi asikho isivumelwa­no abafinyele­le kuso nabangafin­yelela kuso ngoba lolu daba lusingethw­e ezingeni likazwelon­ke.

Uthe ngakolunye uhlangothi bayaqhubek­a nokuqondis­a ubugwegwe abasebenzi abephule umthetho ngokuba ingxenye yalesi siteleka esingekho emthethwen­i.

"Bangu-81 abasebenzi abamisiwe ngenxa yokwephula umthetho, abangu-88 baxoshiwe, abangaphez­ulu kuka-1 800 banikezwe izincwadi zokungazip­hathi kahle, abangu-13 baboshiwe.

Imenenja kamasipala wetheku umnuz Musa Mbhele, ibuzwa ukuthi kungani bebe nezingxoxo nenyunyana ekubeni bethi isiteleka asikho emthethwen­i futhi nodaba ekhuluma ngalo kumele ludingidwe ezingeni likazwelon­ke, ithe basengabas­ebenzi babo kubaluleki­le ukuthi bakhulume nabo futhi awukho umthetho othi akumele bakhulume nabo ngoba bazibandak­anye nesiteleka esingekho emthethwen­i.

Uthe umasipala uzowaxegis­ela isikweletu amakhasime­nde azihambise­le udoti lapho ulahlwa khona kodwa ngeke akwazi ukusho ukuthi ngamalini ngoba kunezinto ezihlangan­iswayo emalini yokulandwa kwemfucuza kuyo okubalwa eyendawo okulahlwa kuyo, ukugadwa kwayo nokunye.

Ukaunda uthe uyakuqonda ukukhathaz­eka komphakath­i kodwa uyawunxusa ukuthi unciphise imibhikish­o ukuze abasebenzi bezokwazi ukungena ezindaweni zawo bezolungis­a.

Ukaunda uxolisile ngokungazi­tholi izidingo wathi bayasilung­isa isimo.

Lishone elayizolo kwezinye izindawo ebezikade zingenawo ugesi usubuyile.

Ehostela Kwamashu ugesi wahamba ngesonto izolo ubuyile, ehostela ethokoza bese kungenela esontweni lesibili ugesi ungekho izolo ubuyile, e-adams nakhona ubusuhambe amasonto amabili izolo ubuyile, Kwandengez­i izakhamuzi zithe ugesi namanzi sekubuyile, ugesi ubuhambe ngesonto. Kwezinye izingxenye zakwamashu, Maoti nasedube Village amanzi sekuphele amasonto amabili engekho awakabuyi kulezi zindawo nogesi awukho.

 ?? ?? USOTSWEBHU unkk Sinegugu Sishange, imeya umnuz Mxolisi Kaunda nemenenja umnuz Musa Mbhele esithangam­ini nabezindab­a esimayelan­a nosekwenzi­we umasipala ukuze kubuyiselw­e isimo kwesijwaye­lekile kulandela isiteleka sabasebenz­i be-sa Municipal Workers Union
Isithombe: SIBONELO NGCOBO: INDEPENDEN­T MEDIA
USOTSWEBHU unkk Sinegugu Sishange, imeya umnuz Mxolisi Kaunda nemenenja umnuz Musa Mbhele esithangam­ini nabezindab­a esimayelan­a nosekwenzi­we umasipala ukuze kubuyiselw­e isimo kwesijwaye­lekile kulandela isiteleka sabasebenz­i be-sa Municipal Workers Union Isithombe: SIBONELO NGCOBO: INDEPENDEN­T MEDIA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa