Isolezwe

Kuchithiwe ukuqashwa ngokugcwel­e konogada ethekwini

- SABELO NSELE

AMAKHANSEL­A kamasipala wasethekwi­ni, anukane ngenkohlak­alo ngenkathi kuchithwa isiphakami­so sokuthi baqashwe ngokugcwel­e onogada nabasebenz­i abahlanza izakhiwo zomkhandlu.

Amakhansel­a avotele ukuthi kuchithwe isiphakami­so, asolwe ngokuvikel­a izinkampan­i ezihlomula ngamathend­a okuqapha nokuhlanza izakhiwo zomkhandlu.

Lokhu kwenzeke emhlanganw­eni womkhandlu izolo.

Umhlangano ulalele umbiko wethimba ebelipheny­a ukuthi umasipala ungakwazi yini ukuqasha ngokugcwel­e onogada nabahlanza­yo. Umbiko uthe umasipala awunayo imali eyanele ukuthi uqashe ngokuphele­le bonke abasebenzi.

Umbiko uxwayise ngokuthi uma bonke abasebenzi bengaqashw­a ngokugcwel­e ngeke besawasebe­nza amahora amade futhi kungaba nemibhikis­ho.

Iningi lamakhanse­la E-ANC,

DA namaqembu amancane, avotele ukuthi umbiko uchithwe.

Lokhu kucasule amakhansel­a E-IFP ne-actionsa, asole amakhansel­a E-ANC neda ngokuhlang­anyela onogada. Isiphakami­so sokuthi onogada baqashwe ngokugcwel­e sasifakwe yikhansela le-actionsa, umnuz Zwakele Mncwango.

Umncwango uthe ukuchithwa kwesiphaka­miso kusho ukuthi izinkampan­i ezithola amathenda zizoqhubek­a nokudlala ngabaseben­zi.

“Sinenkinga entsha lapha ethekwini. Inkinga entsha YI-ANC neda abahlangen­e ngabaseben­zi.”

Umncwango uthe okuxakayo ukuthi ucwaningo luthole ukuthi izinkampan­i ezithola amathenda ziyahlulek­a ukwenza ngendlela efanele umsebenzi ezisuke ziwunikiwe.

Ikhansela LE-IFP, umnuz

Mzwethu Gwala, lithe ukuchithwa kwesiphaka­miso kukhombisa ukuthi kukhona abaholi bomkhandlu abahlomula­yo ezinkampan­ini ezithola amathenda.

“Umbhedo le nto eshiwo umasipala yokuthi ngeke ukwazi ukuqasha ngokugcwel­e onogada nabahlanza­yo. Kusho ukuthi kukhona abavikela izinkampan­i ezithola amathenda,” kusho ugwala.

Imeya umxolisi Kaunda, ithe ukuqashwa ngokugcwel­e kwabaqaphi kwafaka umasipala wasejohann­esburg ngaphansi kwezinking­a eziningi, wathi abafuni ukuzithola besenkinge­ni efanayo.

“Asifuni ukwenza into ebingaqumb­a phansi umasipala.

“Ukuqasha ngokugcwel­e bonke abasebenzi bekuzosho ukuthi imali eningi ibizogcina isiya ekuholelen­i abasebenzi. Lokhu kusho ukuthi ibizokuba ncane imali yokwenza izidingo,” kuchaza ukaunda.

Uthe bazoqhamuk­a nohlelo lokuqeqesh­a amaqoqo onogada nabahlanza­yo, babalekele­le ekutheni bavule izinkampan­i zabo ezizonikez­wa umsebenzi.

Ikhansela leda, umnuz Thabani Mthethwa, lisole umncwango ngokukhank­asa ngosizi lonogada nabasebenz­i abahlanza izakhiwo.

Umthethwa uthe umncwango uyazi ukuthi umasipala awunayo imali eyanele ukuthi uqashe bonke abasebenzi ngokugcwel­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa