Isolezwe

Bathintwa usizi lwabantu abemisakaz­o abalula isandla

- BONGIWE ZUMA

UKUHLALE belalela usizi lwabantu ngezindlel­a ezehlukene emisakazwe­ni abayiseben­zelayo, sekwenze abasakazi besifazane basungula izinhlanga­no abahlose ngazo ukuqokelel­a imali yokuphonsa esivivanen­i osizini olukhunget­he abantu.

Umsakazi wokhozi FM, uzeal Dladla, ungomunye wabo njengoba asungula imadladla Makandabe Foundation okumanje inomjikele­zo ezikoleni inikela ngezinsiza ezehlukene okubalwa kuzo imifaniswa­no nokunye. Uzeal wasungula le nhlangano ngo2021. Noma engaluthol­i uxhaso lwemali kodwa uyaqinisek­isa ukuthi kukhona akulondolo­za emholweni wakhe ukuze enze umsebenzi wokunikela kulabo bafundi abadla imbuya ngothi.

"Kulo nyaka ngibe nenhlanhla yoxhaso lwenkampan­i yezimoto inissan engilekele­le ukuhambisa imifaniswa­no ezikoleni. Nabantu engisondel­ene nabo ngokubona isidingo nokubalule­ka kwemfundo, bafake isandla sakwazi ukusiza izingane eziningi kulo nyaka. Isifiso sami ukukhula ngikwazi ukufinyele­la nakwezinye izindawo," kusho uzeal.

Ngaphandle kwakhe, intandokaz­i yomsakazo ivuma FM, ujacinta Ngobese, selokhu aqala ukunikela esemsakazw­eni womphakath­i ivibe FM wadlulela kwigagasi FM njengoba esanikela namanje. Ngo-2016 waqinisa umkhankaso wokunikele­la ngamaqakel­o nosekukhut­haze abaningi okubalwa nabesilisa.

Inhlangano yakhe ayigcini nje ngamaqakel­o kodwa iyanikela ngemifanis­wano yesikole, ukudla, izimpahla zokugqoka, ifundise nabanye abafundi iphinde asize ngosizo longoti abehlukene emindenini enezinking­a ezingaxazu­luleki.

Uslindile Zungu wevibe FM wemancane Foundation ayisungula ngo-2021, unikelela abafundi ngezicathu­lo zesikole ezingaphez­ulu kuka-300 namaqakelo.

Imancane

Foundation igxile kakhulu ezikoleni zasemakhay­a endwedwe nasemaloki­shini akhele itheku.

"Ngesikhath­i secovid-19 ngabona intsha iphelelwa umsebenzi futhi iningi lihleli emakhaya no-matric ongaba usizo. Ngaqala nohlelo lokusebenz­isana nezinhlang­ano eziqukethe ulwazi lwezemfund­o ukusiza abangafund­i bakwazi ukuthola ulwazi nezindawo zokufunda. Izikole zasemakhay­a yizona ezisalele kakhulu nokwenza ngigxile kuzo," kusho uslindile.

Uzamangwan­e Khanyile wesiteshi somphakath­i Izwi Lomzansi FM, unomkhanka­so ipad Up A Girl enikelela izikole ngamaqakel­o. Lokhu sekuzale nolunye uhlelo losebenza ngokubambi­sana nabespecsa­vers ukunikelel­a abafundi ngosizo lokucwanin­gwa amehlo mahhala baphinde bathole nezibuko zamehlo.

Akagcini lapho, unikela nangamaqak­elo nezinye izinsiza zokufunda.

Unoxolo Princesslo­rtts wevibe FM unohlelo lokuthuthu­kisa amantombaz­ane i-empower The Girl Child nolungagci­ni nje ngolwazi kodwa uphinde abavulele amathuba omsebenzi. Uphinde elule isandla emphakathi­ni ngezinto ezahlukene, alekelele namaciko asafufusa endimeni yomculo.

 ?? ?? EZINYE zezintokaz­i ezicijwa unoxolo Princesslo­rtts wevibe FM
Isithombe: FACEBOOK/ NOXOLO PRINCESSLO­RTTS
EZINYE zezintokaz­i ezicijwa unoxolo Princesslo­rtts wevibe FM Isithombe: FACEBOOK/ NOXOLO PRINCESSLO­RTTS
 ?? ?? ZAMANGWANE KHANYILE
ZAMANGWANE KHANYILE
 ?? ?? ZEAL DLADLA
ZEAL DLADLA
 ?? ?? SLINDILE ZUNGU
SLINDILE ZUNGU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa