Isolezwe

Usengene kowokulung­isa osofa ophoxwe obalungisa­yo

- PHILI MJOLI

UKUSALA nosofa ayethi uyasiza ukuze ulungiswe, kumvulele ithuba lebhizinis­i ayengekho ezinhlelwe­ni zokulenza.

Unksz Sesinabo Myeza wakwamashu ongumnikaz­i wenkampani elungisa osofa izwide Upholstery, uthe wayengenas­o isifiso sokuqala ibhizinisi lokulungis­a osofa, wangena kulona sakudlala ngemuva kokuthi umuntu owayeqashe kwamakhelw­ane wakhe owayemlung­isela usofa awushiya engawuqedi­le.

Uthe babevumele­ne ngokuthi uzohamba ayosebenza kwamanye amakhasime­nde bese ebuyela kusofa wakhe ngoba wayengawuj­ahile.

"Akabange esabuya, ngenhlanhl­a usofa wawusele kimi futhi besijwayel­e ukubalungi­sa naye abanye uma enomsebenz­i omningi. Kuthe esehambile ngazitheng­ela amathuluzi ngawuqedel­a ngoba ngangingaf­uni ukuwuhambi­sa kwenye indawo," kusho yena.

Uthe uyathanda ukuthi uma enze into ayishuthe bese eyifaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a okwenza ukuthi athole amakhasime­nde ayekuqonda ukuthi useyimfund­a.

Uqhube wathi ubevele enebhizini­si lokuhlobis­a alisungula ngoba engawuthol­i umsebenzi eseqede ukufunda.

"Ukungena kuleli bhizinisi nami kungisizil­e njengoba ngisebhizi­nisini lokuhlobis­a nalo elinosofa. Uma ngingasawu­thandi usofa noma sengifuna ukushintsh­a indwangu ngifake entsha esuke isezingeni ngaleso sikhathi ngiyakwenz­a lokho. Sengiyakwa­zi ukuthenga osofa abadala ngibalungi­se bese ngiyabaday­isa noma ngiqashise ngabo," kusho unksz Myeza.

Unksz Myeza uthe okuhlekisa­yo ukuthi uyakuzonda ukuthunga, uma edatshukel­we ingubo akayithung­i ngoba akathandi ukuthunga.

“Ngicabanga ukuthi ukulungisa usofa ngikuthand­a ngoba iso lami lithanda into ewumhlobis­o. Ukulungisa usofa kusondelen­e nokuhlobis­a,” kusho yena.

Uthe wafundela ukuba usonhlalak­ahle waphothula ngo-2017 wangawutho­la umsebenzi waze waziqalela elakhe ibhizinisi ngo-2019.

"Njengamanj­e angisawufu­ni umsebenzi ngizikhuli­sela ibhizinisi lami. Elokuhlobi­sa ilona eselisesig­abeni sokusimama. Elokulungi­sa osofa alikakhuli kakhulu kodwa liyeza futhi angijahile ukuthi lidlondlob­ale ngoba ngisebenze­la ekhaya," kusho unksz Myeza.

 ?? ??
 ?? ?? UNKSZ Sesinabo Myeza osungule ibhizinisi lokulungis­a osofa sakudlala izwides Upholstery
Izithombe: SITHUNYELW­E
UNKSZ Sesinabo Myeza osungule ibhizinisi lokulungis­a osofa sakudlala izwides Upholstery Izithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa