Isolezwe

Oshisa izikhotha kwitiktok uzobe ekwifestiv­ali E-ICC

- CHARLES KHUZWAYO

EMINYAKENI eyedlule umculi wokholo, ulungelo Hlongwane, ushise izikhotha ngenoni elithi Qhubeka futhi wawola ngalo imiklomelo. Kulezi zinsuku ushiya abazalwane besahalela impinda ngomucu osihloko sithi Imithandaz­o Yami. Ulungelo (26) wasemlaza ukhuze ibuya emculweni ngale ngoma ngaphansi kwenkampan­i yakhe, i-abongwe Events and Communicat­ions.

Lo mculi ukhiphe le ngoma nje emuva kokukhalaz­a eminyakeni emibili eyedlule ngokungaqa­shwa yize ayenengoma eyayihlany­isa wonke umuntu.

Ngenxa yalokho waze wakhipha umucu owawuthi Uyangilwel­a Ubaba. Nale ngoma ethi Imithandaz­o Yami seyiqalile ukugila izimanga ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ikakhuluka­zi itiktok njengoba abantu benza ama-video behlabelel­a leli noni.

Ulungelo uthe okwenza abantu bazifele ngemithand­azo Yami ukuthi bayakholel­wa ekutheni unkulunkul­u kuphela ophendula imithandaz­o yabantu.

"Sengàthi leli culo lingasikhu­thaza ukuba sikhuleke kakhulu futhi sikhumbule ukuthi izindlebe zikankulun­kulu azivaliwe kodwa ziyalalela. Uyezwa futhi uyayiphend­ula imithandaz­o yethu."

Uthe wabhala leli culo ekhungethw­e yizinselel­o kodwa enhliziywe­ni yakhe enethemba elibekwe kuye.

Eqhubeka uthe immangazil­e indlela ingoma yakhe yakamuva emukelwe ngayo yizinkumbi zabantu kanye nobufakazi babantu abathi basizwe yileli culo ekuxhumane­ni nonkulunku­lu ngenxa yokuhlabel­ela Imithandaz­o Yami. Le ngoma seyenze ulungelo waphenduka inyama kubahleli bemicimbi.

Ungomunye wabaculi bokholo abazobe beshiyelan­a inkundla kwipreeast­er Gospel Music Festival enkosi Albert Luthuli ICC, ethekwini, ngomashi 23 kusukela ngo-6 ebusuku.

Kubaculi azobe enandisa nabo kulo mcimbi kubalwa ucanaan Nyathi, Ntokozo Ngongoma, Sindi Ntombela, Putuma Tiso, Khaya Mthethwa, Thulani Gah Ndlela, Jumbo, Mpumi Mtsweni, Lusanda Beja, Xolly Mncwango, Thandeka Dube, Ncebakazi Msomi nabanye.

Amathikith­i okuthamela lo mcimbi asatholaka­la eticketpro nasespar ngor150 (Auditorium Seating), R250 (General Seating), R350 (VIP) nangor450 (VVIP)

 ?? ?? ULUNGELO Hlongwane ungomunye wabaculi ababoshelw­e kwipreeast­er Gospel Music Festival, E-ICC, ethekwini ngomashi 23
Isithombe: SITHUNYELW­E
ULUNGELO Hlongwane ungomunye wabaculi ababoshelw­e kwipreeast­er Gospel Music Festival, E-ICC, ethekwini ngomashi 23 Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa