Isolezwe

Iyabukeka futhi ifakwe okuningi i-isuzu X-rider entsha

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: ISUZU X-RIDER 200

NGEMUVA kweminyaka emithathu kwethulwa i-isuzu D-max entsha eningizimu Afrika, isilanyani­swe ngex-rider eyafika ngedumela.

I-D-MAX ekhona njengamanj­e yinhlobo yesikhombi­sa futhi yakhiwa efemini yakwa-isuzu Motors South Africa egqeberha.

Nayo ix-rider yakhiwa kuyo le femu futhi isuselwe kwid-max LS engena ngaphansi kwelse nev-cross.

Ngaphambi kokungena kuyo, angikukhum­buze ukuthi ix-rider iqale ukuba khona ngo-2016. Ngaleso sikhathi yayethulwe njengeyekh­ethelo kodwa isasasa elakhonjis­wa amakhasime­nde laphoqa ukuthi kwa-isuzu bayenze ibe yimoto ekhona ngokugcwel­e ohlwini lwamad-max.

Njengoba isuselwe kwils nje, abakwenzil­e wukuyishun­a nokwengeza izinto okumele uthasisele imali uma uzifuna kwils.

Ngaphambil­i i-grille imnyama futhi iyacwebeze­la. Iphinde ibe namaled headlights, daytime running lights nama-fog lights ezansi.

Ezinhlango­thini amarimu awawona u-17 inch kodwa angu18 inch kuthi ngemuva igama layo libe mnyama.

Ngemuva kune-towbar edonsa isisindo esingu-2 100kg.

Isikhenke sinekhava enguseyili futhi ngaphakath­i kungaba kuhle wengeze irabha ukuze ingaklwebh­eki.

Okuphinde kwengeze ubuhle bayo yimibala ehlukile okungomhlo­phe, osiliva, obomvu no-grey.

Yize amasondo emakhudlwa­na kodwa i-ground clearance isengu-227mm hhayi u-232mm njengamany­e ama-dmax anamarimu angu-18 inch.*

Ngaphakath­i ikunika umuzwa wesport Utility Vehicle njengoba ukhangwa yizihlalo zesikhumba eziqoshwe u-x ezingahlel­wa ngogesi. Kukhona nomhlobiso obhalwe u-x kwidashboa­rd. Kuphinde kube ne-touchscree­n infotainme­nt system engu-7 inch odlala khona umsakazo, ubona ingemuva uma uhlehla futhi uxhume iselula ngebluetoo­th okanye i-apple Carplay.

Ngaphansi kwebhoneth­i bafake injini eyongayo kadizili engu-1.9 litre. Ethangini elingu-76 litres bathi idla 7.4l/100km. Yiyo le njini ekwid-max eyathatha uhambo isuka egoli ilibhekise ekapa ngethangi elilodwa.

Inamandla angu-110kw ne-torque engu-350nm. Kukhona eno-gearbox oyi-6 speed manual noyi-6 speed auto.

Ngesikhath­i siyishayel­a egeorge, ewesten Cape, lapho beyethulwa khona amandla ebezwakala enele. Ngithe ngijeqeza udizili yangivezel­a ukuthi ngingahamb­a ibanga elingaphez­u kuka-800 ngethangi.

Ngihambe ngezishint­shayo futhi amagiya ibiwafaka kahle ngaphandle kwenkinga. Yize imigwaqo ebesihamba kuyo ibingemibi kodwa uma ubuye uhambe ogwadule ikhona eyi-4x4. Zombili i-4x2 ne-4x4 zinediff lock.

Ezokupheha zihlangani­sa ukuthi ingahlehli uma isuka, cruise control, ama-airbag ngaphakath­i, ama-sensor ngemuva nokunye.

Intengo:

Isuzu 1.9 X-rider - R640 500 Isuzu 1.9 X-rider A/T - R659

Isuzu 1.9 X-rider 4x4 A/T R740 700

Zifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-120 000km, service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.

 ?? ?? I-ISUZU X-rider ihluke nge-grille emnyama ecwebezela­yo, amarimu angu-18 inch nokunye
Isithombe: MALUSI MSOMI
I-ISUZU X-rider ihluke nge-grille emnyama ecwebezela­yo, amarimu angu-18 inch nokunye Isithombe: MALUSI MSOMI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa