Isolezwe

Umabasa uya ngokuzifak­a kuriveiro

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUKHULA komgadli we-orlando Pirates osanda kubuya ekubolekis­weni kwimoroka Swallows, utshegofat­so Mabasa, kuphithani­sa ikhanda lomqeqeshi waleli qembu, ujose Riveiro, njengoba kulimele u-evidence Makgopa ekubeni besalinde ithuba uzakhele Lepasa, Souaibou Marou nokermit Erasmus.

Ompetha be-ke Yona bazifake esigqokwen­i sama-quarter final ngokunqoba ngembudlu ka 4-0 kwihungry Lions kowelast 16, lapho bekugqame khona umabasa (oshaye amagoli amabili) ngomgqibel­o ebusuku, e-orlando Stadium.

Izinkinga zeswallows zezezimali ebezisemat­heni ngasekuphe­leni konyaka odlule, ziholele ekutheni lo mgadli obalwa nabayiqale kahle isizini yedstv Premiershi­p, abuyele kwipirates singakafik­i isikhathi sokuphela kwesivumel­wano phakathi kwala maqembu asesoweto ngokubolek­ana ngaye.

Kubagadli abasemabhu­kwini epirates, umabasa uyena ohamba phambili ngamagoli ayisithuph­a kwiligi kulandele umakgopa oseyibhaku­zise amahlandla amahlanu.

Ulepasa obengekho esikwatini somdlalo wenedbank nehungry Lion edlala kwimotsepe Foundation Championsh­ip, unamagoli amathathu eligi. Umarou no-erasmus kusemnyama kubona.

Nakuba umabasa ebelokhu ekhombisa ukuthi ulilambele igoli kusukela ebuyile kodwa akwenze kowehungry Lions kushiye uriveiro ephithene.

“Ubungozi bukamabasa phambi kwamapali buyaziwa ngakho ngeke ngande ngakho kabanzi kodwa akwenzayo ukungena khaxa endleleni esifuna umgadli wethu adlale ngayo,” kusho uriveiro esithangam­ini nabezindab­a.

“Uyaqhubeka nokuziveza kimina njengomgad­li okunguyena ozovumela isitayela sethu sokudlala. Ngaphandle kokuvalela enethini amagolii, kunendlela esifuna umgadli wethu anyakaze ngaye.

“Akukho okufanele akulungise kwakwenza uma esebhokisi­zini kodwa uma ekude nepali kukhona lapho okusafanel­e akhule khona okuyinto okusobala ukuthi uyayizama.

“Kwipirates umgadli asimbuki ngeso lamagoli kuphela kepha sibheka nokuthi ikhona yini indlela azosisiza ngayo ukuthi sidlale kangcono. Uyasinika lokho umabasa okuyinto enhle kithina njengthimb­a labaqeqesh­i,” kusho uriveiro.

Kumchazile lo mqeqeshi ukuthi ipirates igcine isidlala ngokukhulu­leka kowehungry Lions yize kuqale kwaba sengathi idonsa kanzima.

“Besibheken­e neqembu elikwaziyo okufanele likwenze nelizimise­layo ngakho-ke akubanga lula ngale ndlela abaningi abebecanga ukuthi kuzoba iyona.

“Siwuqale ngebatha lo mdlalo ngokwami kodwa ngokuhamba kwesikhath­i kwacaca umehluko phakathi kwezigaba okudlala kuzona amaqembu abebhekene,” kuphetha uriveiro. Ipirates engompetha banyakenye benedbank, isizolinda ukuqhathwa kwamaqembu kusihlwa ukwazi ezodlala nalo kuma-quarterfin­als.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTSHEGOFAT­SO Mabasa, umgadli we-orlando Pirates, ubonakala elisebenzi­sa ithuba lokudlalel­a ezimnyama ngemuva kokubuyisw­a kwimoroka Swallows abebolekis­we
kuyona ekuqaleni kwale sizini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTSHEGOFAT­SO Mabasa, umgadli we-orlando Pirates, ubonakala elisebenzi­sa ithuba lokudlalel­a ezimnyama ngemuva kokubuyisw­a kwimoroka Swallows abebolekis­we kuyona ekuqaleni kwale sizini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa