Isolezwe

Umercy Pakela (57) ubuyele esikoleni

- CHARLES KHUZWAYO

UKUXHASHAZ­WA nokudliwa kwamandla akhe ebuka kwenze indlovukaz­i yomdanso nomculo wesipantsu­la, umercy Pakela, yabuyela esikoleni isineminya­ka ewu-57.

Umercy, waduma kakhulu ngeminyaka yo-1980 no-1990, ngamanoni ayethi Ayashis' Amateki, Mama Ndiyalila, I Will Hold On nelithi Careless Doctor. Owayeyisih­labani se-orlando Pirates, ubashin Mahlangu waze wabizwa ngo-ayashis' Amateki ngenxa yengoma kamercy.

Umercy uthe ufunda ewits University lapho enza khona izifundo zecultural Policy Management ngoba ufuna ukubamba iqhaza uma kubekwa imigomo futhi kushaywa nemithetho.

"Ngifuna ukuzihlomi­sa ngolwazi ukuze ngikwazi ukusayina izivumelwa­no. Lolu lwazi luzongenza ngikwazi ukusiza labantwana abeza ngemuva kwethu. Ngifuna ukwabelana ngolwazi nangamava nabaculi abasafufus­a abafunda ewits ukuze baphume esikoleni sebehlomil­e. Akudlalwa emculweni."

Uthe abaculi kufanele bazi ukuthi akukhona kwamama wakho emculweni, ngakho kukuwe ukuzinakek­ela.

"Ungashisa izikhotha ezinkundle­ni zokuxhuman­a okwamanje. Ngokuhamba kwesikhath­i uphatheke kabi uma sekuduma omusha."

Uthe yena uxhashaziw­e futhi wavalwa emculweni ngenxa yokuthi ubekhala ngokuxhash­azwa.

"Uma abantu abanjengoz­ahara beze bashona bekhala ngokuxhash­azwa, singonamba bani thina."

Uthe yingakho enqume ukuyofunda ngoba umkhuba wokuxhasha­zwa kwamaciko awusoze waphela.

Unxuse abaculi abaseza ngemuva ukuba baqinise emfundweni ukuze bangaphose­ki esiseleni abaculi abadala abakhalaka­theke kuso.

"Umculo uyibhizini­si. Yingakho kumqoka kakhulu ukuba bafunde. Babuyele ezikoleni. Kuningi abangakufu­nda esikoleni ngoba umculo ubanzi. Uma mina ngimngaka ngibuyele esikoleni, bona bangahlulw­a yini."

Udonse abaculi bakuleli ukuba bafunde ukuze bakwazi ukuzisungu­lela izingoma zabo, bayeke ukufudumez­a ezabantu abangabazi.

"Ngiyithand­ile into eyenziwe ngudj Maphorisa ngengoma kakamazu. Uyithathe wayibeka kwelinye izinga. Kanjalo nomasterkg wenze okufanayo ngengoma yedalom Kids (ethi Keneilwe)."

Uthe naye angakujabu­lela ukwenziwa kabusha kwezingoma zakhe kodwa kufanele kuqalwe kuye futhi abandakany­we ekwenziwen­i kwayo.

Umercy uthe wazalelwa egqeberha kodwa wangena emculweni eseneminya­ka ewu-16. Waqala wasebenza nomargaret Mcingana, Ebony, Patience Africa, Yvonne Chaka Chaka, Olive Masinga, Isabel Maseko wedark City Sisters nonombuso Mabaso wehot Soul Singers.

Uthe ukudansa isipantsul­a wakufundis­wa wumculi kamaskandi, Ihhashi Elimhlophe. "Ihhashi Elimhlophe umajayivan­e wangempela," kugcizelel­a umercy.

 ?? ISITHOMBE:SIGCINIWE ?? UMERCY Pakela wodumo lwengoma ethi Ayashis’ Amateki ubuyele esikoleni ukuze
azihlomise ngolwazi
ISITHOMBE:SIGCINIWE UMERCY Pakela wodumo lwengoma ethi Ayashis’ Amateki ubuyele esikoleni ukuze azihlomise ngolwazi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa