Isolezwe

Isifo sofuba sisahamba phambili ngokubulal­a abantu abaningi

- PHILI MJOLI

ISIFO sofuba sisalokhu sihamba phambili ngokubulal­a abantu abaningi kuleli nasemhlabe­ni

Lokhu kushiwo usolwazi Sizulu Moyo, womkhandlu owenza ucwaningo lwesayensi ethinta abantu, ihuman Science Research Council (HSRC), ngesikhath­i kunesigcaw­u ebesiyizol­o sokuchaza ngebanga eselihanjw­e iningizimu Afrika ukuze iqede isifo sofuba ngo-2030.

Usolwazi Moyo, uthe imiphumela yango-2022 yocwaningo olubheka ukwelashwa kwalesi sifo nezinga lokusabala­la kwaso ekhishwe nyakenye ikhomba ukuthi bangu54 000 abantu ababulawa yisifo sofuba ngonyaka kuleli, okusho ukuthi emizuzwini eyishumi kunomuntu obulawa isifo sofuba.

"Eningizimu

Afrika isibalo sabantu abanehiv abahaqwa ITB siphezulu. Isifo sofuba NEHIV kusondelen­e yize

ITB ihlasela nabantu abangenayo IHIV.

Usolwazi Violet

Chihota wesikhungo i-aurum Institute, uthe umbiko wango-2022, uveza ukuthi ukhona umehluko uma kubhekwa ukuthi eningizimu Afrika ukusabalal­a kwaleli gciwane kwehle ngo-11% ngo-2015 ngemuva kokuthi uhulumeni ehlanganis­e amasu okulwa netb NEHIV ngo2014.

Kusukela lapho izinga lokusabala­la kwaso lilokhu lehla.

“Ngokubona kwethu lokhu kudalwa ukuthi iningi labantu abanehiv lidla imishanguz­o,” kusho usolwazi Moyo.

Udkt Nkhensani Nkwashu, womkhandlu wengculazi,

ISA National Aids Council (SANAC), uthe amasu ka-2023 kuya ku-2028 kumele asize iningizimu Afrika ukuze ukwamukelw­a kwabantu abahaqwe IHIV netb kusuke ku-85% wango-2022, kuye ku-95%, kwehle isibalo sabahaqwe isifo sofuba sisuke ku-56% wango2022 siye ku-36%, ukwelashwa ngempumele­lo kwalesi sifo kusuke ku-78% wango-2022 kuye ku-90%.

"Okunye okungamele sikukhohlw­e ukuthi kunezimo ezithile ezenza isimo sibe nzima okubalwa ububha, ukushoda kokudla okunempilo okumele kudliwe ngabantu abahaqekil­e. Ukwelashwa kwalesi sifo kungaba nemiphumel­a emihle kakhulu uma umphakathi ungabamba iqhaza elibonakal­ayo ezinhlelwe­ni zokulwa naleli gciwane," kusho usolwazi Nkwashu.

Usolwazi Moyo, uthe zisekhona izinto eziyizingq­inamba ekwelashwe­ni kwalesi sifo njengokuth­i kusenzima ukuhlonzwa kwezingane ezihaqwe yileli gciwane nokuthi imishanguz­o emisha esetshenzi­swa isikhathi esifishane ehlolwayo ayizilunge­le izingane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa