Isolezwe

Kusinda kwehlela ngezinking­a zamanzi komasipala

- PHILI MJOLI

OMASIPALA bayimbange­la yokuthi kube nezinkinga zengqalasi­zinda osekuphele isikhathi eside ingalungis­iwe ngoba imali abayinikwa wumnyango wezamanzi bayisebenz­isela ezinye izinto.

Lokhu kushiwo yiphini likangqong­qoshe walo mnyango, umnuz David Mahlobo, ephawula ngezinking­a zamanzi ezihlasele omasipala ababili abakhulu kuleli okuyijohan­nesburg nomasipala wetheku.

Muva nje, umbiko kamasipala wasethekwi­ni wokusebenz­a kwemali ku-2022/23, uveza ukuthi emalokishi­ni amabili asethekwin­i umlaza nasentuzum­a, amanzi uyavalwa ngezikhath­i ezithile ngenhloso yokuwonga. Ejo’burg ezinye izakhamuzi ezingaphan­si kwalo masipala sizithole zingenawo amanzi amasonto amabili ngoba umasipala ungakwazi ukuziphake­la amanzi kulandela ukuphazami­seka okuqale ngokuthi kushe isiteshi sikagesi sishaywe yizulu.

Umahlobo uthe yonke iminyaka umnyango wezamanzi ukhipha isabelomal­i esithize, usinike omasipala ukuze balungise izinto ezithinta amanzi kodwa bona bayithathe leyo mali bayisebenz­isele ezinye izinto, ngaphezu kwalokho amanzi bayawadayi­sa umphakathi uyakhokha.

"Kulabo masipala bobabili eminye imiphakath­i amanzi alethwa ngamaloli okuzokwenz­a ukuthi kube nzima ukuthi bakwazi ukuwakala njengokuth­i umuzi ngamunye uhlomule ngamanzi angakanani. Abantu abadala kabakwazi ukufinyele­la lapho amaloli asuke ekhona.

Umbiko wonyaka walo kumasipala wetheku, uveza ukuthi uma ungaphakel­a umphakathi ngamanzi ngokujwaye­lekile kuzogcina kunezindaw­o ezingenawo.

Inhloko yophiko lwezamanzi, umnuz Ednick Msweli ethekwini, ithe amanzi entuzuma nasemlaza azolokhu evulwa ngezikhath­i ezithile kuze kube kuphela ukwakhiwa kohlelo lokuphakel­a amanzi umkhomazi Water Project okulindele­ke ukuthi liqale ukudwetshw­a kule nyanga bese kuqala ukwakhiwa ngo-2026.

I-rand Water ayikwazi ukuphakela umasipala wasejohhan­esburg amanzi angaphezul­u kwenani elibalulwe umnyango wezamanzi ngoba umnyango ubhekelele ukuthi angapheli. Amanzi engeziwe kulindelek­e ukuthi lo masipala uwathole ohlelweni ilesotho Highlands Water Project.

"Omasipala kufanele ukuthi basebezisa­ne nezikhungo zamanzi ukuze kube nesisombul­ulo. Ethekwini umasipala usebenzisa­na nothukela umgeni Water," kubeka umahlobo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa