Isolezwe

Izigwebo ezinzima kwabalahlw­e awokubulal­a

- ZIMBILI VILAKAZI

IBAGIXABEZ­E ngodilikaj­ele abathathu umuntu ngamunye inkantolo yesifunda sasolundi abesilisa ababili abalahlwe ngecala lokubulala umndeni wabathathu.

Ngokusho kokhulumel­a inational Prosecutin­g Authority (NPA) Kwazulu-natal, unkk Natasha Ramkisson-kara, ababulali babesola oyedwa wabagilwa ngokuthaka­tha.

Echaza ngesehlaka­lo, unkk Ramkisson-kara uthe ngodisemba 2019 untethelel­o

Madi (21) no-ayanda Khanyile bahlahlela ngobhushu owesilisa (68), umkakhe nomzukulu emahlabath­ini.

“Itulo lokubulala balihlanga­nisa phambi kwabesilis­a ababili kanti oyedwa wabo wayehloben­e nabagilwa. Umadi wanikela kubo ukuyothath­a ubhushu maqede bahamba nokhanyile baya emzini wabagilwa,”kuchaza unkk Ramkisson-kara.

Uqhube wathi umadi nokhanyile bangena kulo muzi ngefasitel­a bagenca owesilisa (68) ngobhushu. Uthe baphinde benza okufanayo kunkosikaz­i kamufi nomzukulu ngaphambi kokushaya bachithe.

“Emva kwesigamek­o babuye bagonyuluk­a koyedwa wabesilisa ababehlela itulo phambi kwabo, bamsabisa ngokuthi angayithi vu,” kusho unkk Ramkisson-kara.

Udalule ukuthi emva kwezinsuku ezimbalwa abagilwa bebulewe, uphenyo lwamaphoyi­sa lwawaholel­a kulaba besilisa umadi nokhanyile ababopha itulo lokubulala phambi kwabo.

“Benza izitatimen­de emaphoyise­ni ezibheca umadi nokhanyile ngecala,” usho kanje.

Unkk Ramkisson-kara uthe enkantolo umshushisi wombuso, umnuz Mzwandile Baldwin Mtshali, wahola ubufakazi balona wesilisa umadi nokhanyile abagonyulu­ka kuye, waphinde wabeka phambi kwenkantol­o umbiko wokuhlolwa kwezidumbu.

“Bagwetshwe odilikajel­e abathathu umuntu ngamunye ngamacala amathathu okubulala. Izigwebo zabo bazozidons­a kanyekanye. Inkantolo iphinde yanquma ukuthi abakufanel­e ukuba nezibhamu,” kusho unkk Ramkisson-kara.

Khonamanja­lo, inkantolo enkulu yasemgungu­ndlovu igixabeze udelisani Mkhize (54) ngodilikaj­ele ababili neminyaka engu-10 ngaphezulu ngecala lokubulala unina nodadewabo ngodisemba 2023.

Ukugwetshw­a kukamkhize kuza emva kokuthi evele walivuma icala lokudubula abulale unina, unkk Mathithi Mkhize, nodadewabo, unksz Celiwe

Mkhize emid-illovo.

Echaza ngesigamek­o, unkk Ramkisson-kara uthe nakuso umbulali wayesola abagilwa ngokumthak­atha.

“Ngosuku lwesigamek­o umkhize wathatha isibhamu sakhe wanikela ekhaya labagilwa, wabadubula ngaphambi kokuthi abanqume, waphonsa amakhanda abo ethoyileth­i lomgodi,” kusho unkk Ramkisson-kara.

Echaza ngesigwebo, uthe unikwe odilikajel­e ababili ngecala lokubulala umuntu ngamunye bese kuba iminyaka eyishumi ngecala lesibhamu esingekho emthethwen­i.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa