Isolezwe

Imali akuyona imana eqhamuka phezulu: Kaunda

- SIMPHIWE NGUBANE

IMEYA yetheku, umnuz Mxolisi Kaunda, ikhwele yadilika kumakhanse­la amaqembu aphikisayo, yathi into ayaziyo ukusonga izandla agxeke - awafuni umasipala uzenzele ngokwawo imali.

Ukaunda uthe ayikho imali ezovele iqhamuke phezulu njengemana yasebhayib­helini futhi uyazi ukuthi la maqembu ngeke akuvotele ukuphasisw­a kwesabelom­ali.

Uphawule kanje emuva kokwethula isabelomal­i esihlongoz­wayo sikar67.3 billion kulelo sonto.

Amaqembu aphikisayo okubalwa kuwona i-actionsa, IFP, DA akhale ngobunzima obuzothwal­wa ngabantu kusukela ngojulayi 1.

Athe kumanje zimapeketw­ane izinto ethekwini, yini lena ezobe ikhokhelwa abantu ngoba abazitholi izinsiza kumanje? Abalule inkinga kagesi, eyamanzi, ukuqowa kukadoti nokunye.

I-national Freedom Party NE-EFF babonakale behambisan­a nokuningi ebekade kwethulwa ukaunda enkulumwen­i yakhe.

“La makhansela ahlala phansi akhononde ngezingqin­amba ezikhona kwingqalas­izinda kodwa awafuni ukuba umasipala uzenzele ngokwawo imali ukuze ubhekane nalezo zinkinga. Ayikho imali efana nemana, ezokwehlik­a phezulu izohlala emkhandlwi­ni,” kusho ukaunda.

Ukaunda uphakamise ukuthi imali kagesi ikhushulwe ngo-14%, eyamanzi ngo-14.9%, eyokuthuth­wa kwendle ngo-12.9%, ukuqoqwa kadoti emakhaya ngo-8% kumabhizin­isi ngo-9%.

Uthe uphiko lwezokuhla­liswa kwabantu bazolwabel­a ur1.44 billion, bakhe izindlu ezingu-1 638.

“Siyazwelan­a nabantu, yingakho sinanomgom­o othi bonke labo abangakwaz­i ukukhokhel­a izinsiza abazithola kumasipala sibafaka ngaphansi kohlelo lokungakho­khi. Asifuni ukufaka ingcindezi enkulu nakosomabh­izinisi. Ngakolunye uhlangothi, isabelomal­i sethu kumele sikwazi ukwenza izidingo zomphakath­i,” kusho ukaunda.

Ukuphikile ukuthi umasipala wasethekwi­ni ucwile ezikweleti­ni ngakho ukuboleka kwabo ur1.5 billion abakuhlong­ozayo kuncane uma kuqhathani­swa nokweminye imikhandlu emikhulu kuleli.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa