Isolezwe

Kuboshwe abesifazan­e ngokubulal­a abebezwana nabo

- KHULEKANI MASEKO Isolezwe,

BABHADLE ezitokisin­i abesifazan­e ababoshelw­e amacala okukhipha imiphefumu­lo yabesilisa ezigamekwe­ni ezimbili ezehlukene ezenzeke emandeni, emasontwen­i amabili elandelana.

Esigamekwe­ni sakamuva esenzeke izolo, kuboshwe owesifazan­e oneminyaka ewu-30 ngecala lokubulawa kukamnuz Ayanda Ngobese wakwasithe­be, khona emandeni, okuthiwa ugwaziwe.

Kuthiwa ungobese nomsolwa bangabanga­ni kanti bebezihlal­ele bephuza kwenye indawo yokucima ukoma elokishini e-chappies, ngesikhath­i kuqubuka ingxabano phakathi kabo.

Kuthiwa umsolwa ukhiphe ummese wamgwaza, ngaphambi kokuthi anyamalale, kanti umgilwa uphelele emtholampi­lo. Umsolwa ubeseboshw­a amaphoyisa izolo, kanti kulindelek­e ukuthi avele enkantolo namhlanje.

Kwesinye isigameko esenzeke ngesonto eledlule, umnuz Siyanda Mpanza (35) ongowokuda­buka emangethe, okuthiwa ubeqashe nentombi yakhe unksz Samkelisiw­e Bhengu Kwasithebe, kusolwa ukuthi babe nengxabano eholele ekutheni imgence ngegeja, washona emva kwesikhash­ana engeniswe emtholampi­lo.

Umfowabo kamufi umnuz Siphamandl­a Mpanza elandisa uthe umfowabo ubehlala nentombi yakhe beqashe Kwasithebe, ngenxa yamatoho kanti iwumuntu owaziwayo nakubo njengoba besekunesi­khathi bathandana.

“Umastende uthe uzwe kunomsindo obekukhomb­isa ukuthi bayaxabana okuthe emva kwesikhath­i kwathula.

“Kukholakal­a ukuthi umsolwa umgence ngegeja ebelikhona endlini, kanti eqeda ukwenza lokho, uphumile endlini wamkhiyela waze wabuya ngezintath­a ngakusasa kulokho bexabane kuqala ukuhwalala,” usho kanje.

Uthe umastende uvukile waphoqa umsolwa ukuthi avule endlini ngoba uzwile ukuthi bebexabana, okuthe uma bevula umfowabo ubesevele kade eqalile ukopha emva kokugencwa, kanti ushonele emtholampi­lo esundumbil­i.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulunat­al, ucolonel Robert Netshiunda, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa asesundumb­ili aphenya amacala okubulala nokuthi abasolwa baboshiwe.

“Uveze ukuthi unksz Bhengu uvelile ngesonto eledlule njengoba kulindelek­e ukuthi aphinde avele kuleli sonto.

 ?? ?? AYANDA NGOBESE
AYANDA NGOBESE
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa