Isolezwe

Kuntwela ezansi ngomdonsis­wano ebholeni

-

KUBE yisinyathe­lo esiletha ithemba ukuvuma kukasihlal­o we-premier Soccer Leagues (PSL), udkt Irvin Khoza, ukuhlangan­a nomqeqeshi weqembu lesizwe ibafana Bafana, uhugo Broos.

Laba bafakane amehlo ngemuva kwesicelo sikabroos osekunesik­hathi eside ekhononda ngokungaba­mbisani phakathi kwakhe nabaqeqesh­i besigaba se-premiershi­p kuleli, okuyiso adonsa kuso kakhulu abadlali abazomela izwe. Yize ubroos ekuvezile ukuthi umhlangano awuzikanga ngenkulumo ngenxa yokuthi ukhoza uphawule ukuthi kungakuhle babe khona bonke nabamele amaqembu eligi, kodwa lokhu kubonakala kukhomba ukuthi lo mdonsiswan­o hleze ungaphela.

Ubroos uyaziwa ngokungafi­hli lutho ngalokho akucabanga­yo njengoba kungamhlup­hi nokweneka ubuthaka ngabaqashi bakhe kwi-south African Football Associatio­n (Safa). Uze azicelele umhlangano ngokwakhe nosihlalo WE-PSL ngoba vele kungekho budlelwano obutheni phakathi kweligi nesafa.

Eqinisweni kumele ngabe ukubonisan­a okufana nalokhu kwenzeka ezingeni lazo izikhulu zesafa NE-PSL, bese umqeqeshi axhumane nabanye abaqeqeshi.

Kulichilo ukuthi abaholi abanikwe umsebenzi omkhulu kangaka bayinkukhu nempaka ngale ndlela yokuthi akukho nokuxhuman­a ezintweni ezimqoka ezithinta umdlalo wesizwe. Kwahlala obala lokhu ngesikhath­i I-PSL ingayingen­i eyokumisa imidlalo yayo inikeze isikhathi esasicelwa ubroos ukuze iqembu lesizwe liyolungis­elela i-africa Cup of Nations ebise-ivory Coast ekuqaleni konyaka.

Kwaba yishwa okungamele liphindeke. Sinethemba lokuthi le nguyazana kamkhathin­i, ubroos namaqembu E-PSL okubhekwe ukuba yenzeke ngenyanga ezayo izothela izithelo ezinhle ukuze kwehle ukukluluza­na phakathi kwalezi zinhlaka ezisebenzi­sa abadlali abafanayo nokumele ngabe zihlala ngokuxhuma­na.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa