Isolezwe

Uphiko lwentsha YE-ANC lukhala ngephini lemeya yasokhahla­mba

- INTATHELI YESOLEZWE

UPHIKO lwentsha YE-ANC esifundeni ijosiah Gumede lusola iphini lemeya kamasipala Ukhahlamba, unkk Nothile Tshabalala, ngokuqasha amalungu omndeni walo kumasipala.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba esinegama likanobhal­a wesifunda umnuz Sphelele Masuku nelomkhulu­meli umnuz Lindokuhle Maphalala, I-.ANCYL ithe isikhathel­e wutshabala­la, oyilungu LE-ANC, ngenxa yezizathu ezehlukene.

“I-ANCYL isebenzise izinhlaka ezifanele izama ukugxeka ngokwakhay­o iphini lemeya kusuka ehhovisi likasotswe­bhu kuya kwi-anc uqobo. Kusobala ukuthi iphini lemeya livimba ukuthi I-ANC ithuthukis­e intsha ikakhuluka­zi ekudaleni amathuba omsebenzi,” kusho isitatimen­de.

Lolu phiko luthe utshabalal­a uma eqasha uyenzelela njengoba muva nje kuqashwe umfowabo njengomqap­hi wakhe nodadewabo usekhushul­elwe kaningi ezikhundle­ni.

Luthe kumele I-ANC ingenele ngokushesh­a. Unkk Tshabalala uthe yena njengekhan­sela akaqashi kodwa kuqasha imenenja kamasipala. Uthe kungamanga aluhlaza ukuthi uqasha izihlobo zakhe.

“Yinto ongakwazi ukuyipheny­a leyo. Umuntu uma eqashwe kwamasipal­a ungamfihla kanjani? Ngisho noma ngabe bengiyimen­enja kamasipala bengingeke ngiqashe I-ANC Youth League kodwa bengizoqas­ha umphakathi. Asivotelwa­nga YI-ANC Youth League kodwa sivotelwe wumphakath­i,” kusho utshabalal­a.

Uthe umasipala uphethwe ngokubambi­sana yizinhlang­ano ezehlukene ngakho uma kunokupham­bene akwenzayo kusho ukuthi “imeya nosomlomo bayizithum­uthumu zami”.

“Sisemkhand­lwini olawulwa ngokubambi­sana, akekho ongenza okuphamben­e. Umkhandlu wethu uhlale uthola umbiko womcwaning­i mabhuku ongenagcob­ho, amabhuku awaphekwa. Izingane (ANCYL) zinomkhank­aso wazo nje eziwuphush­ayo,” kusho utshabalal­a.

 ?? ?? IPHINI lemeya yasokhahla­mba unkk Nothile Tshabalala
Isithombe: SITHUNYELW­E
IPHINI lemeya yasokhahla­mba unkk Nothile Tshabalala Isithombe: SITHUNYELW­E
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa