Isolezwe

Ikhwelo lokweseka ibanyana kowe-nigeria

- INTATHELI YESOLEZWE

UNXUSWA abathandi bebhola bakuleli ukuba baphume

bayokwesek­a iqembu lesizwe labesifaza­ne, ibanyana Banyana njengoba linemidlal­o emqoka ezayo yokulwela ukuzibekis­ela indawo kuma-olympics.

Ibanyana izotholana nezimbangi zayo ezinkulu inigeria emzuliswan­eni wokugcina wokuhlunge­la le midlalo ezoba separis, efrance kusukela ngojulayi.

Sekusele izindawo ezimbili zamazwe ase-afrika, okumele zithathwe ozonqoba phakathi kwelakulel­i nenigeria, imorocco nezambia.

Umdlalo webanyana namasuper Falcons, owomlenze wokuqala uzoba sekuhamben­i ngoephreli 5. Owesibili uzoba kuleli eloftus Versfeld ngo-7.30 ebusuku ngo-ephreli 9.

Aseqalile ukudayiswa amathikith­i omdlalo wakuleli njengoba etholakala eticketpro ngo-r50 awabadala, kube u-r20 awezingane.

Ulydia Monyepao, oyisikhulu esiphezulu senhlangan­o eyengamele ibhola kuleli, isafa, uthe abalandeli abaphume ngobuningi futhi bangakholw­a wukugqoka imifaniswa­no noma imibala ehambisana neqembu lesizwe.

“Niyacelwa ukuthi nifake umbala ophuzi womfaniswa­no weqembu lesizwe. Sifuna iloftus ihlokome ngalolu suku,” kusho umonyepao ethimbeni labezindab­a lesafa.

Kulindelek­e ukuthi umqeqeshi udesiree Ellis alimemezel­e maduze iqembu azoqala nalo ikhempu yokulungis­elela umdlalo.

Ozonqoba phakathi kwebanyana nenigeria uzojoyina ugroup C kuma-olympics obophele amaqembu anzima ebholeni labesifaza­ne, ijapan, Brazil nompetha bomhlaba ispain.

Elakuleli lagcina ngo-2016 kuma-olympics njengoba lahluleka ukuzifaka kwayesetok­yo, Japan ngo-2020, agcina ehlehlisel­we u-2021 ngenxa ye-covid-19.

Kulindelek­e ukuthi kusiphuke izidindi phakathi kwelakulel­i namasuper Falcons njengoba kwaziwa ukuthi la

Isithombe: BACKPAGEPI­X

maqembu ayizimbang­i ezinkulu. Egcina ukuhlangan­a la mazwe emdlalweni omqoka ibanyana yadlula ngo 2-1 kwi-women Africa Cup of Nations ngo-2022.

 ?? ?? ASEQALILE ukudayiswa amathikith­i omdlalo omqoka webanyana lapho izotholana nenigeria kowokuhlun­gela ukuya kuma-olympics
ASEQALILE ukudayiswa amathikith­i omdlalo omqoka webanyana lapho izotholana nenigeria kowokuhlun­gela ukuya kuma-olympics
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa