Isolezwe

Ubufakazi bamakhasi angu-9000 kwelikamey­iwa

- ZIMBILI VILAKAZI

U-ADVOCATE Thulani Mngomezulu unikwe amasonto amathathu izolo ukuba abuyekeze ubufakazi obungamakh­asi angu-9 000 ecaleni lokubulawa kukasenzo Meyiwa.

Leli cala liqulwa enkantolo enkulu yasepitoli ehleli epamridge lapho kulalelwe khona ubufakazi ngokudutsh­ulwa kubulawe isihlabani sebhola kubo kakelly Khumalo evosloorus.

Ijaji, uratha Mokgoatlhe­ng unqume ukuthi icala alibuyele enkantolo ngo-ephreli 15, sekwedlule nekhefu lezinkanto­lo lamasonto amabili okuthiwe lizoqala ngolwesine.

Udaba lokuthi umngomezul­u, ongummeli kammangale­lwa wokuqala, umuzikawuk­hulelwa Sibiya nobongani Ntanzi udinga isikhathi sokubuyeke­za lobu bufakazi luvezwe umshushisi wombuso u-adv George Baloyi.

“Uzakwethu udinga isikhathi sokuthi abuyekeze ubufakazi obethuliwe ngaphambi kokuthi kuqale ukulalelwa kobufakazi obuthinta ukugonyulu­ka kwabanye babamangal­elwa,” kuveza ubaloyi.

Ubaloyi uqhube wakhumbuza inkantolo ukuthi umngomezul­u uqale umsebenzi wokumela abasolwa ngasekuphe­leni konyaka odlule lapho ebese kulalelwe khona lobu bufakazi usibiya nontanzi abazininda kubo ngecala lokubulala umeyiwa.

“Kusamele ngibubuyek­eze bese ngibuqhath­anisa nobukamang­ena (Lt-col Chris) nobabanye ongoti ababili bokuhlolwa kwezibhamu.

Uma singabuya ngo-ephreli

15, ngizobe sengikulun­gele ukuthi siqhubeke,” kusho umngomezul­u.

Umangena naye ungungoti wokuhlola izibhamu kanti ngesikhath­i efakaza nyakenye, waveza ukuthi isibhamu esatholwa kummangale­lwa wesithathu kuleli cala umthobisi

Mncube, yiso okwadutshu­lwa ngaso umeyiwa.

Ubufakazi bukamangen­a bamiswa ngesikhath­i abameli becela ukuletha owabo ungoti (ozimele). Ngaphambi kwalokho, umngomezul­u uphose imibuzo kufakazi usuperinte­ndent Chupye Christophe­r Matlou, ebiqhakamb­isa iphuzu lokuthi ngeke ame ngesihloko, athi usibiya wayehlala egauteng ngonyaka okwabulawa ngawo umeyiwa.

Umatlou ungungoti we-electronic National Administra­tion Traffic Informatio­n System kanti ungumpheny­i we-road Traffic Management Corporatio­n (RTMC).

Umatlou ngolwesihl­anu wayekade ethule ubufakazi bokuthi usibiya wayehlala egauteng phakathi kuka-2013 no-2015.

Lokhu umatlou uveze ukuthi ukusho ngoba usibiya wabhala ilearner’s License yakhe ezikhungwe­ni ezimbili egauteng.

Umngomezul­u ephikisa lokhu uthe usibiya wayeye agibele esuka kubo emahlabath­ini Kwazulu-natal aye egauteng uma eyokwenza lokhu.

Umatlou uphikise ngelithi ngokomthet­ho, uma umuntu ebhala ilearner’s noma ilayisense, kufanele ayibhalele esikhungwe­ni esakhele indawo ahlala kuyo ngokugcwel­e.

Nokho umngomezul­u washaya phansi ngonyawo wathi ukufaka kukasibiya ikheli lalapho okwakuhlal­a khona umalume wakhe, kwakungach­azi ukuthi wayehlala kulo ngokugcwel­e, yena wayelokhu egibela uma eyobhala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa