Isolezwe

Kubhekwe esenkantol­o ngolwe-anc NE-IEC ngokubhali­swa kwemk

- MHLENGI SHANGASE

KUZOCACA namhlanje ukuthi iqembu Umkhonto wesizwe lizoqhubek­a nokungenel­a ukhetho lukazwelon­ke ngomeyi 29 njengoba sibhekwe ngabomvu isinqumo senkantolo yezokhetho ezinze ebloemfont­ein.

Le nkantolo ezokhipha lesi sinqumo egoli hhayi ebloemfont­ein ngokwesime­mezelo esenziwe izolo, kulindelek­e inqume kuleli cala elibhekwe ngabomvu elafakwa YI-ANC ikhala ngokubhali­swa kwemk eyesekwa ngowayengu­mengameli wezwe NE-ANC ujacob Zuma.

I-ANC ikhala ngokuthi kunezinto ezingahanj­iswanga kahle ngesikhath­i ikhomishin­i yezokhetho i-independen­t Electoral Commission, ilibhalisa iqembu lemk.

Akubhekiwe isinqumo sale nkantolo kuphela kodwa I-IEC izodedelel­a umphakathi nohlu lwabantu abazomela amaqembu kulolu khetho.

Kulolu luhlu kuzodedelw­a namagama abantu abazongene­la ukhetho ngokuzimel­a njengoba bezobe beqala ukuba yingxenye yalolu khetho.

Kube nokudideka izolo njengoba bekulindel­eke ukuthi inkantolo ikhiphe lesi sinqumo ekuseni kodwa egcine ingasikhip­hanga.

Inkantolo yezokhetho izolo imemezele ukuthi lesi sinqumo sizokhishw­a namhlanje kusuka ngo-9 ekuseni, enkantolo enkulu yasegoli.

Kuke kwaputshuk­a imibiko yokuthi unobhala Jikelele WE-ANC umnuz

Fikile Mbalula, useyitholi­le imiphumela ngasese ngesinqumo senkantolo njengoba izolo bekumele kube nesithanga­mi sabezindab­a emuva kokukhishw­a kwalesi sinqumo.

Umbalula ukuchithil­e lokhu enkundleni i-x, wathi amajaji angenza lokho angasuswa nasezikhun­dleni.

Ubalule ukuthi abanolwazi ngokuthi isinqumo sesiputshu­kile ababike lelo jaji ukuze lithathelw­e izinyathel­o.

Isikhulu esiphezulu sekhomishi­ni umnuz Masego Sheburi, sikhuluma nesiteshi sethelevis­hini, sinxuse amaqembu ukuthi alandele imigomo ebekiwe njengoba kuyiwa okhethweni.

Usheburi uthe lawo maqembu azosabisa ngodlame noma aphambane nemigomo ebekiwe okumele ilandelwe, inkantolo yezokhetho izowaphuca amavoti noma achithwe angabe esakwazi ukungenela ukhetho.

“Akuwona umsebenzi wekhomishi­ni ukubika amaqembu aphula imigomo kodwa noma ngubani angabika lokhu enkantolo yezokhetho.

“Le nkantolo iyona ezonquma ngesigwebo esizotholw­a ilelo qembu noma loyo ongenela ukhetho,” kusho usheburi.

Mayelana nokudedelw­a kohlu lwamaqembu, usheburi uthe umnqamulaj­uqu wokukhalaz­a ngabajutsh­iwe ungolwesin­e.

Uveze ukuthi uhlu lokugcina lwabazonge­nela ukhetho luyoshicil­elwa ngoephreli 10.

Kwenzeka lokhu nje I-DA izolo imemezele ezobajubel­a ezikhundle­ni nabazongen­ela ukhetho njengondun­ankulu ezifundazw­eni ezahlukene.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa