Isolezwe

Akunasiman­ga ukugcwalis­a imabhida: abe-apemo

- SIBUSISO MDLALOSE

UMENGAMELI we-african People's Movement (Apemo), umnuz Vikizitha Mlotshwa uthi yize ekholwa wukuthi abalandeli beqembu lakhe bebengayig­cwalisa inkundla imoses Mabhida, kodwa babone kufanele bayibambel­e emakhaya ingqungqut­hela yokwethula umqulu wezethembi­so zokhetho oluzayo lukazwelon­ke.

Imoses Mabhida esethekwin­i, muva nje ibonakale isetshenzi­swa ngamaqembu epolitiki ukukala ukulandelw­a kwawo njengoba selusemome ukhetho lukazwelon­ke olungomeyi 29.

I-apemo ikhethe ukwethula owayo umhlahland­lela wokhetho enkundleni yebhola yasemakhay­a ewubhuqu yasegloeck­ner Primary, esandlwana ebergville ebigcwele phama ngesonto ntambama.

Lo mbuthano bewuhanjel­we wubuholi bale nhlangano esifundazw­eni nakuzwelon­ke.

"Asizile ukuzokwenz­a ubukhazikh­azi, size kubantu la behlala khona ukuze lubonakale usizi lwabantu. Singayi lapho okumnandi khona, kube sengathi konke kuhamba kahle.

“Esikhundle­ni sokusebenz­isa imali ukuthutha abantu, sibone kungcono siyisebenz­isele ukwakha amabhuloho ezinyawo nokufaka amanzi nje njenge-apemo, singakayi nasokhethw­eni," kusho umlotshwa, ophinde abe yimeya yomasipala ukhahlamba.

"Nathi imabhida singayigcw­alisa. Ingagcwali­swa ukhahlamba lulodwa nje, ngoba phela imumatha abantu abangu-48 000, leso okuyisihla­lo esisodwa kuphela ephalamend­e. Awukho nje umehluko ngokugcwal­isa imabhida.

“Thina asithuthan­ga bantu ngamabhasi bazizele bona bagcwalisa inkundla okuwubufak­azi bokuthi bayayithan­da futhi bazoyivote­la i-apemo."

Umlotshwa uphinde wakucacisa ukuthi i-apemo ilungenele ukhetho, echitha amahlebezi abethi le nhlangano ayilungene­langa.

"Sifuna ukwenza uguquko ezimpilwen­i zabantu, ikakhuluka­zi labo basemiphak­athini entulayo uma nje singaba semandleni,“kusho umlotshwa.

Uthe bangenele ukhetho Kwazulu-natal, e-eastern

Cape nasefree State maqede benabela nakuzwelon­ke kanti kungamampu­nge ukuthi ukhetho abalungene­langa.

I-apemo isungulwe ngo2021 ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya isungulwa ngababeqem­buke kwinationa­l Freedom Party (NFP), lapho yathola khona izihlalo eziyisithu­pha yabe isisebenzi­sana NE-ANC kumasipala wasokhahla­mba.

 ?? ?? UMENGAMELI we-african People’s Movement, uvikizitha Mlotshwa ethula inkulumo ngesonto, embuthanwe­ni weqembu wokwethulw­a umhlahland­ela wokhetho enkundleni yebhola yasegloeck­ner Primary, esandlwana, ebergville Isithombe: SITHUNYELW­E
UMENGAMELI we-african People’s Movement, uvikizitha Mlotshwa ethula inkulumo ngesonto, embuthanwe­ni weqembu wokwethulw­a umhlahland­ela wokhetho enkundleni yebhola yasegloeck­ner Primary, esandlwana, ebergville Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa