Isolezwe

Ekugcineni unkk Mapisa-nqakula kumele avele enkantolo:npa

- MHLENGI SHANGASE

UPHIKO lwezokushu­shisa kuleli inational Prosecutin­g Authority (NPA), lumile ekutheni usomlomo wephalamen­de osahlabe ikhefu unkk Nosiviwe Mapisa-nqakula, ekugcineni kumele avele njengawo wonke umuntu enkantolo ngoba umthetho awunasikhu­ndla.

Ummeli WENPA u-advocate Makhosi Gwala, uthe abakwazi ukuthi banganquny­elwa ngumsolwa ngendlela okumele benze ngayo izinto.

Uthe uma bengase bavumele ukuthi umuntu ongumsolwa abatshele ukuthi ufuna ukuvela nini enkantolo, kusho ukuthi umthetho uyothathwa njengento engekho.

Uveze ibanga abalihambi­le bezama ukunxenxa unkk Mapisa-nqakula ukuthi avele enkantolo ngezinsolo zenkohlaka­lo.

“Saqala ukuxhumana naye ngomashi 8, simazisa ukuthi sekuphume isinqumo sokuthi ashushiswe.

“Asikaze simsabise ngokumboph­a, okunalokho samnxusa ukuthi azinikele yena emaphoyise­ni ehamba nabameli bakhe. Iyona ndlela elandelway­o le ngokomthet­ho,” kusho u-advocate Gwala.

Ukusho lokhu izolo ngesikhath­i kudingidwa amaphuzu enkantolo enkulu epitoli ngesicelo esiphuthum­ayo asifakile esivimba ukuthi aboshwe.

Ugwala uthe ukushushis­wa kukankk Mapisa-nqakula, akuphamben­e nomthetho.

“Asikwazi ukuthi singavumel­a umsolwa ukuthi asitshele indlela okumele ashushiswe ngayo. Umthetho awazi sikhundla, wonke umuntu uyalingana ngaphambi kwawo.”

Uveze nokuthi akuphuthum­i ukuthi umsolwa angathola idokodo ngaphambi kokubekwa amacala ngokusemth­ethweni.

Ugwala uthe imigomo YENPA ayikwazi ukuthi ingancika esikhundle­ni somuntu ongumsolwa.

Unkk Mapisa-nqakula usolwa ngokwamuke­la intshontsh­o komunye wosonkonti­leka owayethola amathenda emnyangwen­i wezokuvike­la ngesikhath­i esangungqo­ngqoshe wawo.

Kuthiwa wamukela imali engukheshi ebalelwa ngaphezu kukar2 million, izikhawu ezahlukene.

Okunye okuthiwa wagwazelwa ngakho i-wigi kanjalo nezinye izinto. Ubhekene namacala angu12 enkohlakal­o efinyelela kur4 million, okufaka nelokushus­humbisa imali.

Ummeli kankk Mapisanqak­ula u-advocate Reg

Willis SC, uthe kwakungekh­o emthethwen­i ukuseshwa komuzi kasomlomo ngeledlule ngoba nommeli wakhe wayengekho.

Uthe unkk Mapisanqak­ula unamalunge­lo njengawo wonke umuntu wathi kodwa yena uyahlonish­wa uma eqhathanis­a nabanye abantu.

“Sifake amaphepha enkantolo ngoba sifuna ukuvimba ukuboshwa kwakhe, kuze kuphume isinqumo kanjalo nokuthi anikwe idokodo,” kusho uwilllis .

Usole umbuso ngokuputsh­uza izitatimen­de zofakazi okwenze unkk Mapisa-nqakula waba ngumsolwa.

Unxuse ijaji ukuthi uma libachitha esicelweni sabo kodwa libanike isivikelo sokuthi angaboshwa unkk Mapisa-nqakula kuze kukhishwe isinqumo.

Ijaji Sulet Potterill lisigodlil­e isinqumo kuleli cala, lizoze lisikhiphe ngolwesibi­li oluzayo. Livumile ukuthi unkk Mapisa-nqakula angaboshwa kuze kukhishwe lesi sinqumo.

 ?? ?? UNKK Nosiviwe Mapisa-nqakula
Isithombe: BONGANI SHILUBANE/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
UNKK Nosiviwe Mapisa-nqakula Isithombe: BONGANI SHILUBANE/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa