Isolezwe

Ugwetshwe iminyaka ngokubulal­a ngezibhelu

- ZIMBILI VILAKAZI

UGWETSHWE iminyaka engu-20 ebhadla ejele yinkantolo enkulu yasescottb­urgh izolo owesilisa

(38) emva kokulahlwa ngecala lokubulala umuntu ngezibhelu.

Ujoel Fenton Pillay kuthiwa wadubula wabulala umnuz Lindani Mthethwa everulam ngojulayi 12, 2021.

Ngokusho kokhulumel­a inational Prosecutin­g Authority, unkk Natasha Ramkisson-kara, upillay leli cala walenza ngesikhath­i kunezibhel­u, kutatshwa ezindaweni ezahlukene Kwazulu-natal.

Elandisa ngesigamek­o uthe umthethwa wahlaselwa upillay ezihambela emgwaqweni u-ireland everulam.

“Upillay owayehamba ngemoto eyayinemib­halo ekhombisa ukuthi eyenkampan­i yonogada, waqale wamdlula umufi.

“Kuthiwa wabuye wajika, wabuya eza ngakumthet­hwa, wathi uma eseqondene naye, wehlisa iwindi lemoto ayehamba ngayo wamdubula ekhanda,” kuchaza unkk Ramkisson-kara.

Uthe umthethwa washonela endaweni yesigameko. “Ecaleni lombuso, u-advocate Thabani Buthelezi uhole ubufakazi bababili abazibonel­a kwenzeka isigameko, kanjalo nobufakazi be-tracking device eyayifakwe emotweni eyayihamba upillay obabuchaza ukusuka nokuhlala bezindawo ezahanjwa upillay ngosuku lwesigamek­o,” kusho unkk Ramkisson-kara.

Uveze ukuthi ubuthelezi uphinde waletha phambi kwenkantol­o isitatimen­de esabhalwa udadewabo kamufi elekelelwa isisebenzi senkantolo unkk Thandeka Nadi Mofokeng.

Esitatimen­deni sakhe uthe umthethwa wayenguhlo­bo lomuntu olusebenza ngokuzikha­ndla.

Uthe emndenini wakhe selokhu kwashona umufi akubange kusaba kuhle ekhaya ngoba nguye abebethemb­ele kuye,” usho kanje.

Uthe udadewabo kamufi wengeza ngokuthi isigameko sabalimaza kakhulu emoyeni njengoba namanje zisadlala izithombe emqondweni ngesimo abamthola eyiso esebulewe.

Egwetshwa upillay, inkantolo ithe ukwehla esigwebeni esijwayele­kile sikadilika­jele, ngesizathu sokuthi ubeqala ukwenza icala.

“Inkantolo imgwebe ngendlela efanele yaphinde yanquma ukuthi akumfanele ukuphatha isibhamu,” kuchaza uramkisson-kara.

Uphethe ngelithi beyinpa bawushayel­a ihlombe umsebenzi wethimba labashushi­si nabebebamb­isene nabo ukuthi kugwetshwe upillay.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa