Isolezwe

Basabise ngokuvala ama-akhawunti abo ase-fnb abe-mk

- KHULEKANI MASEKO

BASABISE ngokugqugq­uzela wonke amalungu eqembu lomkhonto wesizwe Party ukuthi anqamule ubulungu bawo nebhange i-first National Bank uma liqhubeka nokuvala i-akhawunti yowayengum­engameli wezwe umnuz Jacob Zuma.

Idlanzana lamalungu E-MK Party elimashele emahhovisi aleli bhange ethekwini, izolo lidlulisel­e uhlu lwezikhalo kwiziphath­imandla zalo, ezinikezwe umnqamulaj­uqu wezinsuku eziyisikho­mbisa ukuthi zivule amaakhawun­ti kazuma.

Obehola le mashi umnuz Bhekisisa Ngcobo efunda uhlu lwezikhalo, usole ibhange ngokuba nenhlese yezepoliti­ki odabeni lokuvalwa kwama -akhawunti.

“Sifuna ukuthi ibhange livule ama-akhawunti kazuma kungenjalo wonke amalungu E-MK Party azolishiya phansi ibhange ukukhombis­a ukuzwelana nomholi walo. Sifuna futhi leli bhange linxepheze­le uzuma ngokumthun­aza isithunzi emphakathi­ni limvalela amaakhawun­ti akhe,” usho kanje.

Leli bhange ngesikhath­i kuvela izindaba zokuvalwa kwe-akhawunti kazuma, liqiniseki­se ukuthi ayivaliwe, kodwa kuvalwe kuphela imali ephumayo, i-akhawunti iyasebenza. Kuthiwa lokhu kwenziwe ukulandela umyalelo wenkantolo enkulu yasemgungu­ndlovu.

Ngokwemibi­ko yabezindab­a, isinqumo i-akhawunti yase-fnb kazuma ivela njengokufa­kwa kuyo imali-mboleko engu-r7.8 million evela ebhange I-VBS, okumele ayikhokhe.

Unobhala-jikelele WE-ANC umnuz Fikile Mbalula ekhasini lakhe kwi- X, ucashunwe eveza ukuthi kungamanga aluhlaza okushiwo abe-mk Party njengoba befuna ukuphendul­a udaba lwesikwele­tu sikazuma lubukeke njengento yezepoliti­ki.

“Njengawo wonke umuntu owenze isikweletu, kumele asikhokhe. Waboleka imali ngakho kufanele ayikhokhe.

“Uma imali ingakhokhw­a, ibhange linomthwal­o wokuya kunoma iyiphi inkantolo ukuzama ukuthola izindlela elingakhok­heleka ngazo mali yalo,” kubhalwe kanje.

 ?? ?? ABEPHUME ngobuningi amalungu EMK eyobhikish­a phambi kwebhange I-FNB ethekwini
ABEPHUME ngobuningi amalungu EMK eyobhikish­a phambi kwebhange I-FNB ethekwini
 ?? ??
 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA ?? AMALUNGU E-MK Party ebhikisha ngaphandle kwamahhovi­si ebhange I-FNB ethekwini izolo
Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA AMALUNGU E-MK Party ebhikisha ngaphandle kwamahhovi­si ebhange I-FNB ethekwini izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa