Isolezwe

Ukuhlaselw­a kwemoscow kungaba wuthuthuva olusha

-

SINGABUKEK­A siqhelile kithi isiga esehlele irussia, lapho kufe khona abantu abangu-137 ngolwesihl­anu, ngemuva kokuhlasel­wa ngezibhamu, ontshument­shu neziqhuman­e ekhonsathi­ni ebisemosco­w. Kepha, empeleni baningi abazothelw­a amachaphaz­elo.

Kumanje abasolwa abane abanukwa ngesenzo sokuhlasel­a baboshiwe kanti sekuvele iqembu lamasuluma­ne elaziwa nge-islamic State (ISIS), elithi yilona elakhe itulo lokuhlasel­a.

Kuyaziwa ukuthi kukhona impi ephakathi kwerussia, nomakhelwa­ne bayo i-ukraine. Bekulindel­ekile ukuthi umengameli waserussia uvladimir Putin, anuke izimbangi futhi cishe yizo azokhiphel­a kuzo ulaka.

Uputin akakaze ayiphathe indaba YE-ISIS ngalokhu kuhlaselwa okwenzeke ecrocus City Hall, emoscow. Ngaleyo ndlela kusobala ukuthi ubona ukukhonjwa kweqembu lezidlamli­lo njengendle­la yokudukisa umkhondo okuqhutshw­a yizitha zakhe.

Izolo isibalo sabantu abafile bese senyukele ku-182, abangu-101 bebelashwa ezibhedlel­a.

Uputin ngomgqibel­o akananazan­ga ekhomba i-ukraine, ngenjumban­e yize umengameli wakhona uvolodymyr Zelensky, esethe akanalwazi ngokuhlase­la. Uputin uthe abasolwa babanjwe bezama ukuyokweqa umngcele bebheke e-ukraine, lapho bese kulungiswe indlela yokuthi bashushumb­iswe baphume erussia.

Njengoba amazwe asentshona­langa aholwa yi-united States, eyichitha eyokubanda­kanyeka kwe-ukraine kulesi sigameko, kusobala ukuthi ikremlin izokuthath­a lokhu njengecebo lezitha zayo. Iyaziwa inkinga eyanamatha amazwe ngesikhath­i kuqala impi yala mazwe eminyakeni embalwa edlule. Kumanje umnotho womhlaba nokuhweba ngokukhulu­leka kwamazwe akukaze kubuyele esimweni. Amazwe amaningi, okubalwa neningizim­u Afrika, aphazamise­ka ngokuhweba ne-ukraine, ekhiqiza kakhulu amafutha okupheka nowoyela. Ukuchithek­a kwegazi ngale ndlela esikhathin­i esinje kuyizindab­a ezimbi. Ngesizulu kuthiwa ukusuza kuhlola ukunya.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa